INCWADI: Lucas Mangope: a life
UMBHALI:Oupa Segalwe
ABASHICILELI: Tafelberg
MTHANDE noma ungamthandi kepha umlando wakhe ubalulekile kwabanye. Umlando kaLucas Mangope uhluzwa ngezindlela eziningi ngabantu bepolitiki futhi baningi abawushaya indiva. Usolwa ngezinqumo eziningi ezihunyushwa ngokuthi zadayisa ubuzwe babantu baseBophuthstwana, ngesikhathi ephethe.
Kepha intatheli u-Oupa Segalwe unenhloso yokufundisa umphakathi ngolunye uhlangothi lukaMangope encwadini ethi Lucas Mangope: a life.
USegalwe usebenze iminyaka engaphezu kwewu-10 ecwaninga ngomholi abakhulela ndawonye naye futhi wacoshela okuningi ngokucophelela.
INCWADI: Dinosaur stories
UMBHALI: Miles Kelly
ABASHICILELI:Miles Kelly Publishing
ZINIKE isikhathi sokuhlala phansi nabazukulu noma nezingane zakho uzifundele izinganekwane. Kubalulekile ukujwayeza izingane izincwadi ukuze zifunde ukuthi azidatshulwa kepha ziyafundwa.
Incwadi iDinosaur stories ifanele odado abaneminyaka esukela kwemithathu kuya phezulu futhi inezithombe ezichaza isilwane ngasinye.
INCWADI: A wound unhealed
UMBHALI: Nick Kerr
ABASHICILELI:Porcupine Press
IYINKINGA indaba yempi ephakathi kwe-Israel nePalestine. Sebekhuze baze bashelwe ngamazwi abaholi bamazwe ahlukene, bezama ukubhula umlilo wempi ephakathi kwamazwe aseMiddle East.
Kumanje ayaqhubeka amazwe nokuhlaselana elwela lokhu akholelwa ekutheni kungokwawo. Kepha le ephakathi kweHamas ne-Israel, isidlulee nemiphefumulo engenacala futhi kubukeka kusekude ukuthi iphele ngoba akayikho efuna ukugoba uphondo. Lolu thuthuva lwaqala ngo-1948 ngesikhathi abakwa-Isreali, bethatha umhlaba wamaPalestine ngeheshe.
"Sekuneminyaka abaholi nezingqapheli zaseMiddle East, bexwayisa ngokuthi kungabhekuda enye iPalestinian Infifada. Babhala abanye bakhuluma bexwayisa ngenzondo evunguzayo ikakhulu ebantwini basePalestine abahlukunyezwa wukuthi i-Israel igweve nomhlaba ngaphandle komthetho," kubhala uKerr.
Iyaqhubeka nokududulana phakathi kweHamas elwela amalungelo abantu basePalestine, nabase-Israel selokhu yaqala ukuhlaselana ngo-Okthoba 2023.
UKerr ubuza ukuthi ngabe abenkolo yeZionisim banaliphi iqhaza kulesi sibhicongo sokubulawa kwabantu basePalestine? Umlobi wenze ucwaningo lweminyaka exoxa nezingqapheli, abaholi bezinhlangothi zombili, osolwazi ukuze athole ulwazi oluqukethwe yincwadi ethi A wound unhealed.