MHLELI: Ngicela ungiphe lesi siqeshana ke ngizwakalise ukukhalaza kwami mayelana nezinguquko ezenziwe emsakazweni wethu esiwuthandayo Ukhozi FM. Abaphathi balo msakazo bashaye udaka ngohlelo lwantambama lolu abalunike uSelby benoSiya Mhlongo. Umuntu ofana noSiya kalumfanele neze loluya hlelo. Ludinga abantu abafana noTshatha Ngobe.
Akubuyiselwe uTshatha kulolu hlelo njengoba ebelwenza phambilini. Lokhu thina balaleli bekusenza sithi noma siphuma emsebenzini ntambama, sikhathele noma kukhona okusiphazamisile osukwini kodwa sazi kahle ukuthi sizolalela uhlelo oluzosenza sihleke. Belunemigosi eyenza ukhohlwe okwenzeke osukwini ngalelo langa.
Manje uSiya akanakho lokho, hhayi ngoba engakwazi ukusakaza kodwa loluya hlelo kalumfanele nhlobo. Bese kuba ezemidlalo; sicela abaphathi boKhozi balungise izinkinga zabo nabasakazi bezemidlalo, sesifile yindlala yokungazizwa ngokuphelele, kungenjalo sizokwehla isibalo sabalaleli ngenxa yalolu daka olushaywa ngabaphathi boKhozi.
Nkosinathi Khumalo