MHLELI: Sinenkinga siyizitshudeni ebezenza uhlelo lweLearnership eCoastal KZN TVET College eMbumbulu Campus. Sisayine inkontileka yezinyanga ezingu-12 eqale ngoJuni 30, 2020 kuya kuJuni 30, 2021.
Mina bengenza izifundo ze-Early Childhood Development NQF Level 4 ebezikhokhelwa yiHealth and Welfare Sector Education and Training Authority (HWSETA). Abebesisiza ngokuqeqeshwa yiFuture Discovery Training Academy.
Besithola imali ebizwa nge-stipend nyanga zonke obekunguR3 500. Manje abasafuni ukusikhokhela imali yenyanga kaMeyi noJuni okunguR7 000. Kasazi ukuthi kungani sesingasakhokhelwa. Besiza njalo emakilasini futhi siyenza nemisebenzi yezifundo ebidingeka kithi, besiphinda sisayine ne-register.
Okubuhlungu ukuthi singene ezikweletini ukukhokhela omastende imali yemiqasho sizisondezela ukufunda, abanye bebeboleka nemali yokugibela ukuze bafike esikhungweni. Lutho iCoastal College ukukhokha. U-Agasti manje. Lokhu kwenza ngizibuze ukuthi izitifiketi zethu sizozithola yini? Sizoyithola kanjani imisebenzi uma izitifiketi zingekho?
Kubuhlungu, siyayidinga le mali futhi siyazidinga izitifiketi zethu. Sesizame kakhulu ukuyilwa le ndaba, namanje siyazama. Asisazi nokuthi kumele siye ngakuphi. Sicela usizo.
Thobeka Dlamini