MHLELI: Ephephandabeni langoMashi 2, 2021 kunomfundi obhale wazibiza ngoThandimpilo Joseph Zungu. Ubekhalaza ngoKhehlamfana basoKledeni, Bhekumthetho, eNcemaneni, eNkonjeni, kwaSodaka naseNkungwini nakwezinye izigodi ezikuwadi 8 KwaNongoma.
Umfundi ukhohlwe ukubala nenkiyankiya ekhungethe uwadi 8 kumasipala waKwaNongoma. Ukuzilulaza kwamantombazane aleli wadi kufikiselana ngamahloni. Awaphuzi ayabuhlaba utshwala! Ahamba ezineka nje. Vakashela eNcemaneni uzoyidela inkani. Kuthiwa kuthi kungahlwa nje, bese ziyabuya KwaMadiba nase-Abu Tavern. Hamba emzini wekhansela eBuxedene, uzokhexa umlomo. Uzozibonela ubusantusantu bosisi bethu, bezilulaza ngokuzinikela otshwaleni.
Umbhali ushilo ukuthi ukudliwa kwesishimeyana kwaqala kuphi noBhekumthetho kodwa wakhohlwa ukuthi eBuxedene kwaqalaphi. Bekumele asho ukuthi eBuxedene kwaqala KwaMankehli, KwaShabha naKwaKhwintshi. Zazibuya bo lapho!
Nami mfoka Manzini, okungenza ngikhathazeke wukuthi angiliboni ikusasa kule ntsha esizinikele otshwaleni. Ungalindelani enganeni yentombazane evuka ekuseni iyonkunkana notshwala? Ihamba ingagezile, igqoke amadixa ekade ilele ngawo, ayendlulile nambhede, ayishanelile, izibi izeqa ngaphezulu. Intombazane engalawuleki ebuya noma ngasiphi isikhathi ekhaya, uma njalo ibuyile.
Angiphathi uma kuyizinsuku zokuholwa kwemali yeqolo. Izingane zizwa ngendaba ukuthi imali yazo iholiwe. Umama ubuya ejekiwe noma ethwelwe ngebhala ngenxa yokudakwa. Aqambe amanga athi izimpahla abezithengile zilahlekile. Uma kungenjalo athi imali uyikhuthuzwe ngamaphara ehubhuza amanga kaBhejane. Imali engabe ugcina ngayo izidingo zengane, uyibhubhudla otshwaleni
Angiliboni ikusasa lapha. Akukho muzi ongakhiwa lapha, akukho nkosikazi wekhaya, akukho myeni ongathatha umuntu onjena. Ngidabukela abafowabo nomakoti babo abazohlushwa umjendevu ongayifuni inqubekela phambili empilweni. Ngidabukela ogogo abondla izingane abangazazi nezibongo zazo. Ngidakukela obaba nomama abazala benethemba lekusasa eliqhakazile. Kanti bashaye phansi kwashunqa.
Lo mphakathi wakwawadi 8 udinga umkhuleko. Kumele kuhlelwe isiguqo esiphuthumayo. Sinxenxa wonke amabandla athathe izevatho, izimpulampula nemijiva kukhulekelwe leli wadi. Kuyoba ngumbono omuhle kuhlanganwe emzini wekhansela, kukhulekelwe iwadi. Kwazi bami? Mhlawumbe uNkulunkulu uyosizwela.
Ngikhathazeka kakhulu ngekusasa lalezi zintombi eseziphenduke izibotho. Ngikhalela obaba nomalume abebezitshela ukuthi bazothola ezamabheka. Ngisho ilobolo phela. Bashaye phansi kwashunqa.
Ngikhalela izintombi eziziphethe ngenhlonipho nezikhonza uNkulunkulu. IsiZulu sithi ‘Zifa ngamvunye’.
Bhekuyise Jongosi Mkhize
KwaNongoma