MHLELI. Ngicela ukusika elijikayo ngohlelo uMnakwethu esilubuka kwithelevishini ebusuku njalo ngoLwesibili. Sibona obaba nezintombi belangazelele ukungena esithenjini, bezoncengelwa wuMnuz Musa Mseleku.
Akuveli ukuthi hlobo luni lomshado oshadiwe nokuthi kusho ukuthini ukuthatha umfazi wesibili ngokomthetho wezwe mayelana namafa. Kukhona abathi uma nishade umshado ohlanganise amafa kusho ukuthi nizohlukanisa bese nishade kabusha. Kwenzekani-ke emafeni? Khona-ke angeke yini omunye abaleke, athi liphume nobovu?
Ngithi akube khona ummeli, simbone echazela umkhwenyana nomakoti ngohlangothi lomthetho. Ngikholelwa ukuthi baningi abangafunda ngemishado, bengakangeni nakungena. Okwamanje kubukeka kunenduku efihlwe emqubeni.
Smiso Cele
EPORT SHEPSTONE