Isithombe esigciniwe: Reuters Isithombe esigciniwe: Reuters
MHLELI: Mengameli Cyril Ramaphosa sibonile isizwe siyakuhlonipha, siyakulalela, sicela emva kwalokhu esibhekene nakho uke ukhiphe izwi elithi asibuyele emasisweni siyeke ukulandela umgomo owabekwa omunye umuntu ezweni lethu ngesiko lethu lokulobola. Isibalo sezinkomo zelobolo esisebenza manje yileso esabekwa nguSomtseu (Sir Theophilus Shepstone) owayewundabazabantu lapha eNatal (KZN) izwe lisaphethwe abelungu.
Lesi sibalo sezinkomo waphuma naso ngoba kwasekuqala ukuqolana kuxhashazwana ngelobolo. Abantu base bebiza isibalo esimba eqolo. Namanje sekuvele kwanzima njengoba sebebiza imali. Ngizwa kuthiwa kubizwa kuze kufike nakoR90 000. Lapho kubalwe nokuthi bayifundisile indodakazi ekubeni ngokwazi kwami ukufundisa ingane yakho yijoka okumele ulenze njengomzali. Njengoba wayizala wena ingane kumele uyibhekelele hhayi ukuthi lokho kukhokhelwe umkhwenyana ngoba phela naye angasho ukuthi nami ngifundisiwe ekhaya.
Imfundo le abayibeka phambili ayisiphatheli imizi yobabomkhulu.
Kule yokusibiza kangaka ngoba bethi zifundile lezi ngane zabo kazi bayazi yini ukuthi lapho kuleyo mpilo yasemanyuvesi nasemakolishi zifika zifundeni? Umuntu ufunda iminyaka emine phela ehlalisene iminyaka nabafana abahlukene. Ezinye izingane emanyuvesi ziyadakwa ziyabhema, zikhipha izisu, zijola nobaba abadala. Ngaphezu kwalokho ezinye zidayisa ngomzimba ekubeni ezinye nomqhoyiso kudala washabalala. Okubuhlungu wukuthi uma sekulotsholwa ayibe isakhulunywa leyo. Kuphela nje sikhokhiswa kakhulu. Ngikhuluma izinto engizibonile njengoba ngafika enyuvesi ngafunda, ngiyazi kahle impilo yakhona.
Ramaphosa ngenelela siyaxhashazwa manje kanti isimo somnotho sesitshekile.
Le nto yokubiza kangaka inomthelela ekutheni izingane zigcine zizalela emakhaya, kwande imilanjwana nokunezezela izindleko lapha ekhaya. Ukube bekushadiwe izingane bezizokhulela kubazali bobabili zifundiseke kahle hhayi le ndaba yo-boy no-girl esithi sibakhuza thina esesaba ngomalume emizini yobaba bavele bangezwa. Abashana bamanje bakhetha ukuyohlala edolobheni ngoba abafuni ukukhuzwa. Yingakho sekunamaphara amaningi kangaka nje. Izingane ezizaleka ikakhulukazi kungashadiwe zizalelwa ekhaya nokungakho mhlawumbe zisibiza ngomalume sonke lapha dolobheni.
Ngenelela mengameli. Siyakuthuma Matamela wethu sikwethemba. Isimo somnotho sitshekile abantu bakho abangadlali ngabanye bebe belandelela isibalo sikaSomtseu. Ngesintu kwakulotsholwa ngalokho onakho okusho ukuthi kwakuya ngamandla endoda nekhaya layo. Kwakulotsholwa ngezinkomo ezine noma eziyisithupha kugcagcwe kube kuhle bayovusa umuzi kube mnandi hhayi le nsambatheka yamanje. Sesibona imishado yobukhazikhazi emuva kweminyaka emibili abantu sebeyahlukana, sebeyadubulana noma bathengelane izinkabi. Sithembe wena mengameli, wudaba oluthinta isizwe sonke lolu.
Jabulanimadunge Mdunge
EMADUNGENI