MHLELI: Ngiphawula ngokuchithwa kwemali kuvalwa abantu emingceleni ikakhulu phakathi kweNingizimu Afrika neZimbwabwe. Umngcele usanda kulungiswa ngoR37 million. Kodwa ucingo obelufakwa selubheke phezulu abantu seyazicanasela uma bengena noma bephuma kuleli beya eZimbabwe.
Usondelangange wocingo usanda kwelulwa ngo-40 kilometres kodwa abantu basacanasa. Uhulumeni usandise nesibalo samasosha aqaphe emingceleni kodwa lokho akusizi ngoba abantu, bahamba phambi kwawo. Amasosha aba nobubele bokuvuma ukuba bangene bengenawo amaphepha afanele. Njengobani ongeke aba nozwelo uma ekhalelwa ngesimo esibasusa emakhaya bezophanta la?
Osekuvela wukuthi kunabantu asebesebenza khona emngceleni ukuweza imthwalo yalabo abangenakuziwezela. Angiboni nokho kukubi lokhu ngoba abahlukumezi muntu. Uma uhulumeni efuna ukunqanda ukungena ezweni ngaphandle kwemvume kumele aqhamuke nezinye izindlela ngoba eyamasosha ayisebenzi.
Vele indaba yemingcele akuyona into edalelwe abantu kodwa ngeyezilwane. Okunye, baningi abantu bakuleli abanemindeni nezihlobo eZimbabwe. Cishe izazi zomlando zingakufakazela lokho ukuthi abantu bakuleli nabaseZimbabwe bayinto eyodwa.
Ngakho-ke kwaba yiphutha kwasekuqaleni ukuthi iZimbabwe ihlukaniswe neNingizimu Afrika.Yingakho eZimbabwe kukhona ngisho abeSotho namaNdebele. KwakungamaZulu okhokho babo abahamba noMzilikazi kamaShobane bebalekela iLembe, uShaka, ngo-1823. Babhaca eLesotho (Basutoland). Ngo-1837 uMzilikazi wanquma ukubaleka eBasutoland waya eMatabeleland (Zimbabwe). Ngalokhu ngizama ukuveza ubuhlobo babantu bakuleli nabaseZimbwabwe. Ngiyafisa ukungena ngigxile kakhulu ebuhlotsheni ngokuzayo. Yingakho ngibona kufanele iqedwe imingcele phakathi kwala mazwe.
Sibahle Ngobese
ENQUTHU