MHLELI: Ngishaqekile ukuzwa izindaba zokuthi uSteve Komphela ulaxaze iLamontville Golden Arrows. Ngithuswa nayizindaba zokuthi ujoyina iMamelodi Sundowns. Bengizitshela ukuthi uhleli kahle kwi-Arrows, mhlawumbe kukhona okunye esingakwazi.
Kungenzeka ukuba iSundowns uyijoyina ngoba imthembise imali abengeke akwazi ukuyinqaba. Kepha ngibona ukuya kwakhe kwiSundowns kuzoxova izinto. Angiboni uManqoba Mngqithi ezokwazi ukusebenza noRhulani Mokwena noKomphela ngaphezulu. Ngiyamhlonipha uKomphela njengomqeqeshi futhi ngikholwa wukuthi ubesebenza kahle ezimele. Asikho isidingo sokuthi ayosebenza ngaphansi kwabanye abaqeqeshi.
Ngithi ngeke ilunge indaba yabo ngoba uKomphela uyiciko lokukhuluma kanti uMokwena uyakuthanda ukukhuluma kodwa akalona iciko njengoKomphela.
NoMngqithi uyayihluza into ayikhipha emlonyeni kepha akasiye umuntu okhuluma ngisho singekho isidingo.
Ngale kwalokho, ngibona uKomphela ezibuyisela emuva uma eyokuba yiphini. Ngaphandle-ke uma kuwukuthi uthenjiswe ukuthi uma ehluleka amadoda ayizinhloko zabaqeqeshi nguyena ozonikwa izintambo. Ngeke uthi kade sewuyiqhude bese uqala phansi uyokhothama ngaphansi kwabanye abantu.
Kepha-ke ebholeni kusa kusa. Asethembe ukuthi uyayazi into ayenzayo uKomphela. Kuyokuba kuhle futhi uma ehlolisise kahle ukuthi uzokwazi ukusebenza noMngqithi noMokwena.
Madoda Wanda
EMBUMBULU