UKUBOSHWA ngokushesha kwabathathu abasolwa ngokubulala uHillary Gardee, indodakazi kaGodrich Gardee we-EFF, kudinga ukushayelwa ihlombe.
Ezweni eligcwele ubugebengu njengeNingizimu Afrika, lokhu kuthumela umyalezo ocacile kwabacabanga ukubulala abesifazane, ukuthi ingalo ende yomthetho izobaxhakathisa ngokushesha.
Sekuyisikhathi eside ababulali kuleli lizwe bechitha igazi bese beyacanasa.
Njengoba amaphoyisa esekukhombisile ukuthi angakwazi ukulandelela ababulali ezinsukwini ezimbalwa, ijubane asukume ngalo malingehliswa uma sifuna ukuguqula izinga lokubulawa kwabantu eNingizimu Afrika.
Sisenezinkulungwane zemindeni engakatholi ukuthi ngobani ababulali bezihlobo zayo, kanti eminye isilinde iminyaka ebalelwa ku-10.
Isibonelo salokhu, yicala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa owayengunozinti weBafana Bafana.
Uyise kaSenzo, uSam Meyiwa, washona efuna ukwazi ukuthi ngubani obulale indodana yakhe nokuthi kungani.
Osopolitiki abaphathiswe izikhundla zokuba ngongqongqoshe bamaphoyisa bebelokhu bethembisa into engekho uyise kaSenzo waze wendela koyise mkhulu ephatheke kabi.
Ngakho isivinini sentulo esikhonjiswa ngamaphoyisa muva nje siyancomeka. Kwangathi amaphoyisa angabuyekeza wonke amacala asehlale iminyaka engaxazululwa bese ewaphenya ngomfutho ofanayo.
Yonke imindeni yabantu baseNingizimu Afrika okwabulawa izihlobo zayo ifanelwe okungenani ukubona ababulali bejeziswa ngokugqunywa ejele iminyaka.
I-SAPS akufanele isebenze ngokushesha kuphela uma umuntu obulewe engusaziwayo okanye eyisihlobo somholi othile. Sidinga ukubona umfutho ofanayo ngisho kubulewe umuntu ehostela KwaMashu.
Akuhlomule bonke abantu baseNingizimu Afrika ngezinsiza ezenza amaphoyisa abophe abasolwa ngokuphazima kweso.
Okunye okubalulekile wukuthi kutholakale imbangela okuyiyona yokubulawa komuntu ecaleni ngalinye.