SIKE sizwe abantu uma bejabulisene baze bathi bashayelana ucingo kodwa uma indlakadla isisemnyango bathule sengathi bamumethe umuthi wecala.
Ngo-1488 kwafika abezizwe ababezintwezela ngemikhumbi bekladabula amazwe. Kwaze kwafika u-1497 lapho kuvela khona ukuthi kwafika indoda okwakuthiwa wuVasco da Gama nayo okuthiwa yathi yazitholela iTheku njengetshe emgwaqweni noma njengegwava liziwele.
Kwase kuthi ngo-1652 kwafika abaseDutch ngo-1806 belanywa ngamaNgisi okwathi esebona ukuthi leli lizwe linomnotho baqhamuka neqhinga lokuba kuze abaphathi bezenkolo nezihlakaniphi ukuba zize zizosihungula imiqondo ukuze bezokwazi ukuzitapela emnothweni wezwe okhokho bethu abazifikela kulo kuqala kunabo, kusukela kumaKhoi San kuze kufike kwizizukulwana ngezizukulwana.
Silapha nje kungenxa yeMpi yaseSandlwana phakathi kweziningi izimo esidlule kuzo ngoba nenkosi uMoshoeshoe yalwa nawo amaNgisi kwaba mnyama phansi.
Isikhali esikhulu okwacoboshiswa thina ngaso kwaba yinkolo nemfundo ikakhulukazi inkolo yobuKrestu.
Ngiyazi eliwela umfula ugcwele lifundwa yizindimbane phakathi kwazo kukhona wona amaKrestu ngobuningi bawo.
Ngiyanxusa kumfundi ukuba angathathi ijozi agasele kimi kepha nginxusa ukuba sebolekane isikhathi sithamunde nalu udaba olungaba nomthelela kubantwana bethu sesingasekho.
Kumele sivume ukuthi inkolo nenkolo yakhela olimini lwaleyo ndawo noma lowo muntu othunyiwe ukwedlulisa umyalezo woMdali naye ubheka akwaziyo ngokwesiko lakhe nemikhuba yangakubo ukufeza lowo myalezo. Singeke simsole ngoba noma ungumculi izingoma uma zifika ziye zibe ngolimi lwakho.
Empini kuyaqashelisiswa futhi izinto azithathwa ngewala ngakho kumqoka ukuhlala phansi siyindlu ensundu sibheke amaphutha esawenza uma samukela inkolo yasentshonalanga.
Lesi yisikhathi sokucubungula hhayi ukubalisa ngosizi abezizwe abasifaka kulona kepha masikhulume ngokumele sikulungise - vele amaphutha ayenzeka yingakho futhi elungiswa.
Njengamanje abezizwe babuka umdlalo wethu siklwebhana siqolana sodwa.
Uma ungabheka wonke umuntu uvumbuka esethi uyinyanga noma uyisangoma aqole abantu kodwa thina siyisizwe kasibuzi lutho futhi kasikhuzi. Kukhula nokhula kugcine kungavunwanga.
Kuthe uma kugasela isonto nemfundo engenamfundiso, isizwe sadidizela saze sathengisa ngobuzibulo baso.
Sabiza owezizwe ngamakhosana okuyigama elijule kabi ngoba egcekeni uma umnumzana ezele uba nomafungwase nenkosana.
Kunensila namanje esele kithi njengokuthi uma kuvakashe umlungu emicimbini yethu sizibone sinenhlanhla.
Ngiyakhumbula sisakhula kwakunehlaya elalithi uma uphuphe umlungu unenhlanhla, sangena kanjalo-ke isihlava namuhla onsundu akamfuni owakubo.
Okunye futhi inkolo ihlelwe ngendlela ekwenza uzizwe uyisono wena uqobo uma uke wafisa ukubuza imibuzo efana nokuthi ukuba sake sayekwa singabansundu saziqhubekela nokuzithuthukisa ngabe sikuphi manje?
Uma ilanga liphuma lisikhombisa ukuthi sekumele kuvukwe, akekho umfundisi noma isangoma esingakutshela ikuthi wenzeni ngelanga.
Kanjalo nalapho kwethwasa ihlobo akekho ongabhula noma aphrofithe ngalo, sonke siyazi kwenzekani ngoba sonke siyingxenye yemvelo.
Kanjalo noma kuna imvula noma likhipha umkhovu etsheni sonke siye sikhale size sicashe, akukhathaleki ukuthi uyasonta noma ushisa impepho.
Lobu-ke ngubufakazi bokuthi wonke umuntu olapha emhlabeni unomsebenzi omumele ukuba azithole ekujuleni komoya wakhe ukuthi imvelo noMdali umbekeleni kulo mhlaba.
Ukwazi ngesibongo sakho nabakuzalayo akwanele, umuntu unamandla ayisimanaga kuye aqinisekiswa yimvelo njengokulima. Lobu wubudlelwane phakathi kwemvelo nezidalwa ezibizwa ngabantu.
Njengoba sesathembela kwezinye izizwe ukuthola isisekelo kwezokudla, kusho ukuthi siyimiduma khanda engeke iphinde yelapheke ngoba awukwazi ukondliwa yisitha sakho usimame empilweni.
Uma sikhuluma ngeMpi yaseSandlwana kuyomele siqale sibheke sizibuze ukuthi ngabe likuphi icala endleleni okhokho bethu ababeziphilisa ngayo?
Ngabe sisenaso yini isineke samabutho ayehamba esuka eSandlwana engathenjiswe zikhundla kepha ecabanga ikusasa lethu.
Ukuthukuthela nokuthuka abezizwe ngeke kusasiza ngalutho manje ngoba uma sithi silwa nabezizwe noma sibathuke lokho kuyodla esiningi isikhathi ekubeni ngabe sizinuka amakhwapha silungise amaphutha esawashiyelwa ngabasizalayo siwathathe njengesipho nanjengesivivinyo esisiqeqesha ukuba sibedlule ngamagalelo bazigqaje ngathi.