MHLELI: Ngokukhulu ukuzithoba nenhlonipho, ngicela ukusebenzisa leli thuba ngisike kwelijikayo ngenhloso yokuphosa itshe esivivaneni.
Umphakathi kufanele ulisebenzise ngale kokwesaba ilungelo lawo lokukhetha umuntu ozowusebenzela. Lokhu ungakwenza kahle ngaphandle kokubheka izinhlangothi zepolitiki. Isikhathi sokukhethelwa ngamaqembu epolitiki abantu abazohola thina sesiphelile. Asisukume sonke siwumphakathi siqede isihlava sokuqhoqhobalwa ngamaqembu ezepolitiki.
Kunabantu abasebenza ngokukhulu ukuzikhandla, besebenzela umphakathi ngokuthembeka futhi bengabheke nzuzo kodwa uma sekuvotwa, amaqembu asifunze abantu abangahlali ngisho emiphakathini yethu.
Kubuya abantu abaqhamuka emadolobheni bazosiphatha emakhaya nasemalokishini ngenxa yawo umkhuba wamaqembu epolitiki.
Sesifikile isikhathi sokuthi sizikhethele umuntu othandwa yithi, ozosimela okhethweni. Ngicela siluphathe njengezikhali zamaNtungwa ithuba eliphambi kwethu. Asibhukule sibe yimbumba, silwele ubulungiswa siwumphakathi, ngale kokufunzwa abantu abazosiphatha.
Phondolwendlovu Mzolo
KWANYAVU, EMKHAMBATHINI