MHLELI: Uyazi angazi ukuthi abanye abantu badalwa kanjani, abakwazi ukubongela omunye umuntu uma enze kahle bafuna izinto abangazisho ezingazama ukuvala leyo mpumelelo yakhe, abantu banomona.
Balandeli bakamaskandi kungenina nonke njalo kepha ngoba izinkulumo ezingamampunge ziphuma kuwona la maqoqo omaskandi koFacebook kuthukwa abaculi amagama abo ehudulelwa phansi. Ngithi yekani umona nina eninomona. UKhuzani “Indlamlenze” Mpungose asimbongeleni singabheki ukuthi thina sihamba namaphi amaqhawe. Uma kuwuthi lokho kuyakuhlula awumfuni, thula phela musa ukudumisa amanga umdala.
Nithe uzivotele, nathi usizwe uKhathide “Tshatha” Ngobe,nathi ugwazele Ukhozi FM. Kahle hle la mavoti awugabagaba angaka aniboni ukuthi abaculi ayebhekene nabo ubashaye wabaphindaphinda. Angingathi ngoba ngilandela iKolodo bese ngithi ukuwina kukaKhuzani kunomkhonyovu ngoba niyawazi umkhonyovu aniyi ngani komangala phela ninobufakazi ukuze sizoqeda ubuxoki kuKhuzani lobu enithi unabo. Ubufakazi ninabo angithi, abuvele. Ngeke phela nibadala nikhulume into eningayazi bangathini omakoti noma abakhwenyana nezingane zenu uma obaba nomama behubhuza amanga koFacebook.Asikhule kumaskandi uma uhluleka ukubongela umuntu vala emlonyeni.Khuba siyakubongela thina kuMalomomnandi kwezeKolodo sithi okwenzile nathi sinomona omuhle othi kusasa nathi siyafuna ukubalwa nani maqhawe akithi.
Mpha Omnyama Shabalala
EMNAMBITHI