MHLELI: Kwelakho elingashayi eceleni ngithi ake ngiphawule ngodaba lwabantwana abazalwa bengahlelelwe, abafikela phezu kwezinkinga eziningi.
Wuthola ukuthi umfana uzalise intombazane thizeni ebe engasebenzi efunda.
Abazali bakhe bamphikele, ekubeni babengekho laba bantu bethandana.
Ingane ithi ifika emhlabeni isithwala amacala engawazi, sekufanele ikhule ingenayise ngoba uyise wayiphika sekufanele ikhuliswe ngunina eyedwa.
Unina uyowa evuka eyizamela izidingo zayo engakasakwazi nokuqhubeka nezifundo zesikole uma kade efunda.
Umfana yena aqhubeke nezifundo aze ayofundela umsebenzi othize, engasafuni nokuthi ingane ibizwe ngaye.
Ingane uma ikhula ibona ezinye izingane zikhuluma ngoyise nezinto ezinhle abazenzela zona.
Uma yona ifika ekhaya, ibuza unina ngoyise wayo, angayiphenduli kahle, ayikhace ayithembise ukuyifaka induku.
Empeleni kumele ngabe uhlala nayo phansi ayichazele ukuthi uze angabi khona nje uyise kwenzekani.
Ingane izokhula ibe nenhliziyo embi, ibe nenzondo izonde nabantu abangenzile lutho.
Sengathi abantu kungathi uma sebengena ebudlelwaleni bothando basebenzise okokuzivikela ukuze kungadaleki inkinga yokutholakala kwezingane ezingahlelelwe.
Kugcina sekudaleka izigebengu, ezibamba inkunzi namaphara ahluphayo antshontsha izimpahla ekhaya ayozidayisa ukuze athole imali.
Uma nje siphila masizicabangeleni ngempela, masingalethi izingane ezingenasidingo emhlabeni sizozihluphekisa, zithwale amacala ezingawazi.
Le nto engikhuluma ngayo akuyona inganekwane kodwa yenzeka imihla namalanga.
Asisigwemeni lesi simo bakwethu ngoba yisikhathi esiphila kuso yonke into iyakhokhelwa.
Edmund Ngcobo