MHLELI: Kwelakho ngicela ukudlulisa ukungenami kwami ngezinqumo zikahulumeni. Ngizoqala ngamabhasi abizwa ngeRea Vaya.
UNgqongqoshe wezokuThutha, uMnuz Fikile Mbalula, uthe awabathathe abantu ekuseni ngo-5 agcine ngo-5 ntambama.
Umbuzo enginawo abafowethu abawonogada kanjalo nalaba abasebenza ezitolo nasemagaraji ngabe ubacabangelile yini uMbalula uma ethi amabhasi awagcine ngo-5 ntambama?
Owesibili umbuzo uthi njengoba kujahwe kuvulwe izikole izingane zethu ziphephe kangakanani njengoba kwavalwa izikole isibalo sisephansi sabanesifo kodwa zivulwa sebeyizinkulungwane ngezinkulungwane.
Ngabe uhulumeni ujaheni ukuvula izikole? Kuyasibulala ukubukela kwamanye amazwe ngoba wona anezinto eziningi esingenazo thina.
Ngokwami ngibona uhulumeni enza ngamabomu uma ethi akuvulwe izikole empeleni uyazi othisha bazoteleka ebese engabaholeli usehlulekile ukubaholela behleli ekhaya.
Kodwa-ke ngiyafisa abaholi bethu uma bezothatha izinqumo baqale babhekelele umphakathi uzokwenza njani?
Kunzima ukubona onogada beshayisa qede bahambe phansi.
Njengoba sekusheshe kube mnyama balubhada phansi amabhasi engasekho ngoba akulula bagibele amatekisi njengoba ebiza kangaka awaseSoweto.
Isigcino bangasebenzela wona ngoba akekho ongazi onogada bangena u-6 ekuseni baphume u-6 ntambama. Manje kuthiwa abahambe ngani? Kunzima ukuba semazingeni aphansi ngoba izinqumo ezithathwayo zivele zilwe nawe.
Thanda Chonco
eGoli