Uma kusondela izinketho, ziningi izigigaba ezivelayo ezinye zazo wukukhandwa kwamaqembu amasha isigubhukane ukuze nabasunguli awo bacoshacoshe emavotini ukuze badle bacwebezele izisu. Nokho-ke angikho lapho.
Njengelungu lokuqina leNFP, ngithi angikhuze bonke laba abakhanda izipaza zamaqenjana abo ukuthi abahlukane nokuthi uma bekhuluma nabezindaba bathi bavela kuNFP.
Ngizobhekisa kakhulu eqenjini le-ABC naleli elethulwe ngesonto eledlule elibizwa nge-Apemo.
Ngiyabaxwayisa ukuthi abadlale ibhola bangadlali indoda. Le politiki yabo ayisasebenzi, abangafundi ukuma ngeNFP. Amaqembu abo awekho ezingeni leNFP. Kuyaziwa ukuthi iNFP ingunombolo-5 ngokwezibalo zabavoti nokumeleleka kuzwelonke ePhalamende. I-ABC ne-Apemo kabekho ndawo, siyoqala ukubabiza ngamaqembu ezepolitiki angempela uma sebemelelekile ngokwezihlalo ePhalamende. Okwamanje sisengasho ukuthi basengamaqhumamponjwana amaqembu.
Abalandeli be-ABC ne-Apemo baye emaqenjini abo bevele bengasekho kwaNFP, bebevele sebentunta nendishi. Ngakho belu ukungaphatheki, sebekhande izicagogwana zokududuza ebebezibiza “Ngomngani womngani wami”. Ngifisa ukubakhumbuza ukuthi iNFP yehlula Inkatha Freedom Party ukuyiqeda. Izinhlelo zonke zethu ziyaqhubeka. Ngiyabonga.
Zithembe Ngobese
ILUNGU LESIGUNGU ESIPHEZULU LE-NFP, KWAZULU-NATAL