MHLELI: Ngithi ake ngidlulise kwelakho iphephandaba ngezinkinga nenkohlakalo okusihlasele eMlaza kodwa abantu bathule sengathi akonakele lutho.
Konakele futhi ngendlela okuyiyona le nto isidinga umphakathi ukuthi uzithathele wona ngokwawo umthetho ngoba kule nto kungene kwathi shi abantu bezomthetho.
Kunabantu abahamba beqola abantu imizi noma amakhaya. Ngizokwenzela isibonelo, uma emzini mumbe kungasenabazali kufika lezi zigebengu seziphethe amaphepha omgunyathi.
Zifike zibatshele ukuthi umuzi ngokwemiyalelo yenkantolo usuthengiwe sekuzomele baphume bayofuna indawo yokuhlala. Babuye bathenjiswe imali encane eyisinxephezelo uma nje bezovuma ukusayina amaphepha okuvuma ukuthi umuzi bayawudedela udayise.
Labo abangavumi kuzofika iqembu labantu lizokhipha ngenkani bashaywe bahlukunyezwe ngazo zonke izindlela zokusabisa. Lowo muzi uzobe usuphenduka owephoyisa. Le nto iningi nje eMlaza futhi igcwele kakhulu esigcemeni kwa-U.
Uyazibuza ukuthi kanti umsebenzi wephoyisa emphakathini yini uma kuzosuka wona amaphoyisa asebenzisane nezigebengu kukhishwe abantu ezindlini zabo.
Kumanje kunabantu abangazi ukuthi bazolalaphi ngoba imizi yasemakubo isiqhwagwe amaphoyisa aphatha izibhamu imini nobusuku emagcekeni ukuze uma udlula ubone nje ukuthi yimpi yodwa.
Uyazibuza-ke ukuthi iphoyisa elinomuzi walo elawuthenga ngokusemthethweni kwenzeka kanjani lihlale liqalaza egcekeni lihlezi liphethe isibhamu somsebenzi ngesandla
Besicela i-Ipid ingenelele kulolu daba, ikakhulukazi kwa-U ngoba konakele. Siyadinga uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, enze uphenyo olunzulu.
Angiphathi-ke okwekhansela ku-ward 86, alibizi ngisho nomhlangano kube kunezinkinga ezinzima kangaka.
Okhathzekila
EMLAZA