MHLELI: Ngiyisakhamuzi saseNingizimu Afrika esikhathazekile ngesimo sombutho wezokuphepha nokuvikela lapha ezweni lethu. Ngibheka kakhulu amaphoyisa okubalwa kuwo iSAPS, amaphoyisa kamasipala nawomgwaqo.
Iyangikhathaza indlela amaphoyisa azimuke ngayo emzimbeni futhi ilahlisa ngethemba.
Laba bantu baqashelwe ukuvikela umphakathi kodwa bayizitetelengu ezinemizimba emikhulu nemikhaba.
Umbuzo wami-ke uthi yisiphi isigebengu esingasaba iphoyisa elisindwa wumzimba?
Ngibona kungesinye sezizathu lesi esenza imibutho yezokuvikela ingabi nasithunzi, izelelesi zizicanasele nje.
Indlela amaphoyisa aqeqeshwa ngayo uma esangena embuthweni noma kusenziwa inhlolokhono isezingeni eliphezulu, angazi kungani engazihluphi ngokujima uma eseqashiwe.
Ngifisa uNgqongqoshe uBheki Cele ake ayibhekisise kahle le ndaba ngoba alahlisa ngethemba amaphoyisa asezweni lakithi.
Akusizi ukusindwa yizibhamu ekubeni ezimukile emizimbeni. Ayisukinyelwe le ndaba ukuze kubuye isithunzi samaphoyisa.
Vusi Shange noNathi Cele
eThekwini