MHLELI: Ngithi angikubhalele ngenkinga esibhekene nayo siwumphakathi waseMngcweni, KwaXimba ku-ward 4 no-ward 1.
Umngcweni uklanywe waneminxa emibili. Kunomunxa oku-ward 1 (KwaXimba) omunye ube ku-ward 4 (Ntshangwe). Amakhansela alezi zigceme avumelana ukuthi azohlanganyela ukusiza le ndawo kodwa alikho elinendaba ukuthi kwenzakani endaweni.
Uma izulu lina akuhambeki wudaka, izimoto ziyashibilika. Izithuthi zomphakathi azikho ngenxa yokuthi imigwaqo iyabheda, eminye kayivuliwe kwagcinwa ngokudwetshwa nje ukuthi uhamba kuphi.
Ayabikelwa amakhansela ngenkinga vele ayaziyo kodwa athalalise okanye elinye lithi ubani utheni noma wenzeni, umane udideke nje ukuthi kwenzekani.
Imvula nje enayo kumanje seyicishe yakhipha umphefumulo. Asazi noma yikona yini lokhu akufunayo amakhansela ukuthi kuze kufe umuntu ngaphambi kokulungisa imigwaqo. Umfana ubezama ukudonsa imoto ebisibhajwe odakeni ngogandaganda, ngeshwa nogandaganda ushibilike, ugingqike. Ngenhlanhla umfana agxumele phansi wagingqika wodwa. Izithombe ziwubufakazi.
Sicela abakhulu bangenelele ngoba njengoba kuneCovid-19 nje sekucashwa ngayo. Ihhovisi lezemigwaqo kuMasipala weTheku eHillcrest liyazi kodwa kalenzi lutho.
Fanyana Mdluli
usihlalo wekomiti lendawo