ISIGABA 165 soMthethosisekelo sithi kudingeka amajaji asebenze ngokuzimela futhi angachemi.
Nokho-ke sekube nenkulumo-mpikiswano kakhulu ngokuhlonishwa kwalesi sigaba ngenxa yokuziphatha ngendlela eshiya imibuzo kwamanye amajaji aphezulu.
Muva nje, sesizwe kaningi abantu beshaya amakhala ngezinsolo zokulawulwa kwamajaji ngosopolitiki ukuze akhiphe izinqumo ezibavunayo.
Izinqumo ezikhishwe yiNkantolo eNkulu yasePitoli, zivuna uMengameli Cyril Ramaphosa, ziqubule inkulumo-mpikiswano ngokuthotshelwa kwesiGaba 165.
Phakathi kwezinqumo “ezithimulisayo” kubalwa nesokugcina kuyimfihlo isitatimende sasebhange esinemininingwane yabahlomula emkhankasweni weCR17 wezigidi zamaRandi okuthiwa kunamajaji athola intshontsho kuwona.
Lokhu kuzohlale kuyindaba egudwini ngoba kunezinsolo zokuthi imininingwane yenziwa imfihlo yinkantolo ngoba kuvikelwa amajaji ahlomula.
Amanye amajaji aseke aveza ukuthi ake axhumane nabaholi abaphezulu kwezepolitiki futhi aseke ahlangana nabo yize kungadalulwa okusuke kuyingqikithi yemihlangano.
Lokhu kudonsela amajaji amehlo omphakathi futhi kuvusa nemibuzo ngokusebenza kwawo ngokuzimela.
Kubalulekile ukuthi izinkantolo namajaji babonakale benza ubulungiswa ngaso sonke isikhathi. Ngakho amajaji kawagweme izinto ezigcina ziwenza amataniswe nohlangothi oluthile kwezepilitiki.
Indlela okusingathwe ngayo udaba lokuputshuka kwesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo odabeni oluthinta umvikeli womphakathi, ishiya imibuzo. Kunesikhalo ngokuthi kungani kungaphunyelwanga obala ngophenyo obelwenziwa yiJaji uLex Mpati?
Imigomo nobubanzi yophenyo lukaMpati akudalulelwanga umphakathi ngaphambi kokuqala kophenyo. Abaningi bezwe sekuthiwa sekuqediwe ukuphenya futhi alikho ijaji elitholwe lisephutheni ngokuputshuka kwesinqumo. Lokhu kuyingxenye yezinto ezibukeka zincane kepha ezilimaza isithunzi sezobulungiswa.