Mhleli: kwelakho ngithi ake ngilobe ngale mbedumehlwane ehlasele umhlaba wonke.
Ngiyezwa amakholwa esethi yizinsuku zokugcina.
Kuyacaca azisekho ezinye izinsuku, sesifike ekugcineni uJesu useyabuya.
Ngabe ngiyezwa ukube amakholwa aguqa ngedolo akhuleke ngamandla anxuse uMdali ukuthi asisize sinqobe leli gciwane.
Ngisadidekile namanje ukuthi iqhamuke kanjani iCorona, silokhu sizwa ukuthi iqale eChina.
Kusobala uma selingene kahle lizoqala ngathi esisemakhaya ngoba impilo yakhona inzima asisebenzi, nensipho kunzima ukuyithola namanzi.
Uma uhulumeni esekhombisa ukusukuma, ngiphoxeke kabi ngilalele Ukhozi FM, lapho uNdunankulu Sihle Zikalala nabahlaziyi bebezwakala bekhala ngomnotho nangezivakashi ukuthi ngeke beyivale imingcele ngoba kuzosho ukuthi izivakashi azisezungena kuleli kuyacaca yimali ebalulekile kunempilo yabantu.
Ngaleso sikhathi wayeseyedwa umuntu oneCorona, ukube kwasheshe kwavalwa yonke imingcele mhlawumbe ngabe alisabalele kanjena.
Sekuyisikhathi sokuthi onke amaqembu ezepolitiki namabandla ahlangane manje kuliwe neCorona.
Nabefundisi abahlale bevela kwithelevishini benza imilingo sekuyisikhathi sayo-ke manje.
Asibabone bethandazela abantu liphume libaleke igciwane noma basuke besikhohlisa?
Kuyathusa ukuzwa usuku nosuku kunyuka isibalo sabahaqekile yiCorona. Uma uzizwa ukuthi uyakhwehlela kuhle uzihlalele kini, uyeke ukulokhu uzogibela nomphakathi etekisini noma ukhwehlela sivikele thina nabanye bakithi. Uyazi abantu ababambi ngisho umlomo uma bekhwehlela.
Ngiyacela bantu bakithi silalele emisakazweni, sifunde nasemaphephandabeni nakwithelevishini ukuthi senzenjani ukuze lingasabalali leli gciwane.
Uma singalaleli esikutshelwayo ukuze sizivikele sizoba senkingeni.
Ngiyafisa kube nomgomo wokugwema ukutheleleka mhlawumbe kungaba ngcono uma singagoma.
Ngabe esinjani esingagomeleki bakithi?
Kazi ngempela adlani amaShayina le enzima kangaka.
Emabhasini njengamaRea Vaya eGoli kugcwala kuze kungabi nandawo yokubeka unyawo nasezitimela, abanye baze belenge ngaphandle, kusobala uma oyedwa engahaqeka eSoweto kuyobe sekumoshakele.
Sibonga imizamo kamengameli.
Ake akhohlwe wumnotho sobuye siwubone silwe nokunqanda ukubhebhetheka kweCorona.
Okubalulekile wukuphila kwabantu.
Zikhona izigwili nabahola imali eningi kuhulumeni, kanjalo namabandla kufanele angenele anikele sekuyisikhathi sokulekelela imiphakathi.
Thanda Chonco
KwesakwaMthethwa