MHLELI: Uhulumeni sengathi angake abhekisie lolu hlelo lwethelevishini olwethulwa nguJub Jub nozakwabo aluvale luphele nya.
Lapha eNingizimu Afrika kukhalwa ngesihlava esibhebhethekayo sodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane. Lapha ngikhuluma ngokuphuma kwemiphefumulo yabantu ikhishwa abantu abasuke bebathemba ukuthi yibona abazobavikela.
Kunalolu hlelo olubizwa ngokuthi Uyajola 9/9, lapha othola khona uJub Jub nezigora zakhe bejivaza abantu besilisa nabesifazane.
Abantu besilisa bayashaywa, bayathukwa, bathelwa ngamanzi umuntu abe manzi te, bahlubulwe izingubo belele, beshaywa, bejivazwa abesifazane abasuke bevikelwa nguJub Jub nezidlakela zakhe.
Ngibona sengathi njengoba uhulumeni enza umsebenzi omuhle kangaka wokuzama ukunqanda udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane uJub Jub nethimba lakhe bayithela amanzi yonke le mizamo kahulumeni. Kunokuthi kube khona ubungcono obungalethwa yilolu hlelo, ngilubona lubhebhethekisa inzondo emangalisayo.
Angikholwa wukuthi uJub Jub emfundweni yakhe wawufundela umthetho. Angikholwa ukuthi uyakwazi ukuthetha amacala akhiphe isinqumo esiphusile.
Uma esemangele lowo omangalayo wesifazane uJub Jub uya komangalelwe evese esemehlulele ngasolwa ngakho. Lona wesifazane usuke evikelwa yilezi zigansonso ezitapela kowesilisa emshaya, emthuka, emjivaza ngayo yonke indlela ongase uyicabange.
Uma ubuka ithelevishini bese kudlalwa lolu hlelo uye uzibuze ukuthi kanti umuntu wesilisa wonani kuleli zwe. NoNdosi, uNgqongqoshe wama Phoyisa, akayifakele izibuko le nto ngoba ngelinye ilanga kophuma isidumbu kubuka wonke umuntu waseMzansi. Okudabukisayo wukuthi yena uJub Jun nezigora zakhe babukisa ngabantu besilisa basuke bahambe, lona wesifazane osuke kade eqhoshe ngabo ugcina esesele yedwa.
Jub Jub, ubani owakutshela ukuthi ukuqonywa kuyicala. Wena awuqonyiwe nje njengoba usuzenza ugcwelengcwele ngamanye amadoda?
Uma umuntu ethandana nentombazane ubani owathi kunefindo elisuke seliboshiwe phakathi kwabo. Lapha asiboni omama bemizi behambe bethungatha amadoda abo, kodwa sibona amantombazane nje asephelelwe wushatini elokhu esidalela isicefe.
Lalela-ke funa omunye umsebenzi ngoba lona uzokufaka kwenkulu inkinga lena.
Hulumeni wethu waseNingizimu Afrika nqandani nangu umuntu eqhatha izwe nibe nenza yonke imizamo yokuqeda lesi sihlava esibhekiswe kwabesifazane nezingane.
Jabulani Zenzo Khumalo