NGESIKHATHI sezibhelu ngeminyaka yabo-1987, baningi kakhulu abantu abadukelana eMgungundlovu namaphethelo, lapho inkaba yami ikhona. Wawugcina ungazi noma umuntu wadlula nalo yini udlame, okanye usadla anhlavana.
Nami baningi engathuka sengizithela kubona ngemuva kweminyaka, engangicabanga ukuthi mhlawumbe base baba mathambo mhlophe. Ngiyazi nami bakhona ababecabanga ukuthi ngaba yingxenye yezinkulungwane ezalahlekelwa yimiphefumulo ngesikhathi sodlame.
Isimo seCoronavirus esibhekene naso njengamanje, sisenza siqhelelane njenganezikhathi zodlame, sekusiza kona nje ukuthi umhlaba sewathuthuka kakhulu, sesikwazi ukuxhumana ngezindlela eziningi ezihlukene yize singasondelene.
Nami-ke angihlukile kulabo abavele banyamalala ngesikhathi kubekwa umthetho kathaqa ezweni, ngenxa yeCoronavirus. Kakade njengamanje izinto azihambi njengokujwayelekile, futhi kuningi okonakalayo.
Nokho, sengithi namuhla angithi memfu EMGODINI, ke ngisike elijikayo ngesimo esibhekene naso kwiPremier Soccer Leaguer (PSL), esidalwa iyona belu iCorona. Angisoze ngizenze umuntu owazi kangcono kunosihlalo wePSL, * -Irvin Khoza, nethimba asebenzisana nalo kodwa ngithi nje nami ake ngiphonse itshe esivivaneni.
Inkinga esibhekene nayo njengamanje wukuthi izoqedelwa kanjani imidlalo yePSL esele, ngaphandle kokubeka engozini impilo yabadlali. Akukho ukungabaza ukuthi iCorona idla lubi futhi ilokhu ibhebhetheka zonke izinsuku.
Ngike ngezwa kancane kuthiwa emhlanganweni wePSL neSouth African Football Association (Safa), kuphume izwi lokuthi imidlalo iqedelwe eGauteng yonke. Kuyavela futhi ukuthi banazo izinhlelo abazozilandela ukuqinisekisa ukuphepha kwabadlali kule midlalo esele.
Uma ngingaphosisi, lapha sikhuluma ngemidlalo ecela ko-54 ye-Absa Premiership, okumele idlalwe ukuze kusongwe isizini. Engikwazi kahle wukuthi akulula ukuthatha isinqumo ngemidlalo yePremiership ngoba kuthinteka nabaxhasi.
Angikucacise kuhlale obala ukuthi ngiyaqonda ukuthi iPSL ngeke ivele iyithathe njengento engekho isizini ka-2019/2020, ngoba iningi kakhulu imali yabaxhasi esetshenzisiwe. Nami futhi angihambisani nalowo mbono.
Kuyavela futhi ukuthi i-Absa ishaya amakhala ngokusayina isivumelwano esisha nePSL (isizini ezayo ngeyokugcina kulesi esikhona), ngakho ukuthatha imali yayo (i-Absa) uyifake emfuleni imuke namanzi, kungafana nokuthatha umuntu obangwa nezibi umemboze ngeqhwa, ngethemba lokuthi ngeke afe.
Engikubona kuyingozi enkulu, yikona ukuqedela imidlalo yePSL ngoba kunzima ukulwa negciwane elingaqondakali nelingabonakali njengeCorona. Lapho-ke ngibona sengathi sizobe sidlala ngegeja kuziliwe, sigenda impilo yabadlali budlabha.
Ngokwami isizini yePSL kumele kuvele kuthiwe seyiphelile ngoba angiboni isimo sizovuma ukuthi kuqedelwe imidlalo njengamanje. Nalapho ngiyazi miningi imibuzo eqhamukayo efana nokuthi kuzothiwani ngesicoco se-Absa Premiership, yimaphi amaqembu azodliwa yizembe nokuthi yimaphi eGladAfrica Championship azokhuphuka.
Nangu-ke umbono wami. Njengoba ngishilo, ayithathwe njengesiphelile isizini ka-2019/2020. Ngiyazi baningi abangahambisani nalokhu kodwa isicoco kumele sinikwe iqembu eliphezulu (okuyiKaizer Chiefs), uma kuthathwa isinqumo sokwenza lokho. Ngebhadi-ke iCorona ibheduke kuyilona iqembu eliphezulu
Akungabi khona iqembu elizodliwa yizembe kule sizini kwi-Absa Premiership, okuchaza ukuthi ngesizini ezayo kuzoqhubeka amaqembu afanayo. Nokho ekupheleni kwesizini ezayo amaqembu amabili ePremiership azodliwa yizembe, kungadlalwa eyokuhlunga.
Uma sekuqalwa isizini entsha, isimo sesivuma, kwiGladAfrica Championship akuqedelwe imidlalo esele (ka-2019/2020) ngesikhathi kwi-Absa Premiership beqala isizini ka-2020/2021.
Amaqembu amabili azoqeda phezulu kwiChampionship (njengoba kuzoqedelwa imidlalo yakhona ka-2019/2020) kuzoba yiwona azonyukela kwiPremiership ekupheleni kwesizini ka-2020/2021. Ngeke idlalwe eyokuhlunga.
Uma eseqede imidlalo yeligi amaqembu eChampionship, kuzomele kukhulunywe nabaxhasi iGladAfrica ukuthi ngesizini ka-2020/2021 adlale iGladAfrica Cup ezodlalwa imidlalo ewu-15 kuphela bese kutholakala umpetha. Lapha kuzobe kungabhekiwe ukuthi kukhona abazonyukela kwiPremiership ngoba azobe esaziwa amaqembu azonyuka ekupheleni kwesizini.
IGladAfrica Cup izobe yenzelwa ukuthi amaqembu eNational First Division (NFD) angahlali nje, kube khona azobe ekwenza ngesizini ka-2019/2020. Sekuyothi uma sekufika isikhathi seNedbank Cup ayihlungele njengoba ehlale enza.
Kwi-ABC Motsepe nakhona kuzokwenzeka okufanayo. Bazaqedela imidlalo imidlalo esele bese bedlala imidlalo yokuhlunga kazwelonke lapho kuqala isizini ka-2020/2021. Amaqembu amabili ayodla umhlanganiso, ayoze anyukele kwiChampionship ekuphelelni kwesizini ezoqala (2010/2021).
Nakhona bangadlala i-ABC Motsepe Cup ukuze bangahlali isizini yonke bengenzi lutho. Leyo Motsepe Cup ingahlelwa ngendlela yomqhudelwano womkhumulajezi ongadonsa isizini yonke ngoba maningi amaqembu kulesi sigaba.
Amaqembu okumele alale ngenxeba kuyo yonke le nto, ngaweSAB League okungamele alinde nje isimo size sibuyele kwesijwayelekile, ukuze athole ukukhuphukela phezulu.
Ngiyazi ukuthi kulula ukusho kunokwenza kodwa ekugcineni kumele kuphunywe nesisombululo. ICorona ihlakaze zonke izinhlelo kodwa manje kumele kube khona indlela eya phambili yize kukhona abazonyatheleka amakhona. Ngokwami kungakuhle ukuthi sizame ukuqala isizini entsha ka-2020/2021 ngoSepthemba, sesiyiqonda kangcono iCorona.
Bengimane ngiphonsa nje esivivaneni, ngiyazi umhlonishwa uKhoza nethimba lakhe kwiPSL, bazi kangcono kunami. Niphephe kwiCorona, ningabi wuvanzi. Shwi!