MHLELI: Ngivumele ngisike elijikayo kwelakho eliwela umfula ugcwele. Umdonsiswano ophakakathi kukasihlalo wekhomishana ephenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana ijaji Raymond Zondo nowayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma uyasikhulisa ngolwazi lomthetho.
Njengoba sezidumela emansumpeni ukuba kugoqwe ubufakazi obethulwa ofakazi kwikhomishini, sekuqala ukuntwela ezansi.
Sizofunda ukwazi ngomthetho nangamalungelo ethu ngokulandela okwenziwa ilezi zinkunzi ezimbili ezihlabana amalunda zisebenzisa umthetho. sithanda noma singathandi kukhona ezogoba uphondo kwazise kukhona esibhonga nenxeba. UMsholozi noma singamuthanda kangakanani kepha inkantolo yomthethosisekelo isimuphoqile ukuthi aye kovela phambi kwekhomishana ephenya ngokugwamandwa kombuso futhi yamuphuca nelungelo lokuthula angasho lutho uma ebuzwa imibuzo. Lokho kukodwa kuchaza okuthile nokucindezela uZuma njengoba asabisa ngokuthula angasho lutho uma ebuzwa imibuzo. Umehluleli uChris Jafter uphinde wasola uMsholozi ngendelelo nokungahloniphi umthetho ngenkathi ephuma eshingila nethimba labameli bakhe ngaphandle kwemvumo ngenkathi kuqhubeka lempicabadala yophenyo. Zinkani zababili, azihlabane amalunda ehluliwe isiyothumela isixhanti. Nakuba bekumubeka engcupheni uZondo ukujomba izinkantolo ezincane aqale enkantolo yomthethosisekelo kepha kubonakala kuthele izithelo ezinhle ngasohlangothini lwakhe kwazise ukwazile ukonga isikhathi. Ukuphumelela kwakhe kule nkantolo kukhombisile ukuthi uyazethemba kanti nomthetho uwuqonda kahle.
Ukube ukhale ngaphasi bekuzoba usezidonsele amanzi ngomsele ezimbangini zakhe ngoba uyena olele isibili esigabeni sabazi umthetho njengoba eyisekela lejaji elikhulu. UMsholozi kubukeka ephelelwa amahlathi okucasha kwazise uyena owasungula ikhomishana ephenya ngokugwamandwa kwamandla ombuso ngakho-ke kunzima ukungayihloniphi into eyasungulwa nguyena uqobo. Ukungawuhloniphi umyalelo wenkantolo yoMthethosisekelo kungamubhincisela nxanye ngokwezimpi zakhe zepolitiki nangokwezinga lakhe jikelele. Kubukeka le ndaba isifike kuvuthondaba. Sekwiyizikhawu eziningi uMsholozi esabisa ngokuthi uyokhuluma ngelinye ilanga. Akakhulume ageqe amagula ke manje ithuba elakhe angaviki ngehawu lengulube. Bonke ubufakazi obethulwayo buchaphazela igama lakhe ngakho-ke akalihlanze kuphele amaphupho.
Sinenkolelo yokuthi ayinuki ingosiwe ngakho-ke akucace makuwukuthi injumbane ikhomba yena nje kanti ubhecwa ngibubende angayidlanga. Umkhumiso usulingene izintondolo, isiyobanjwa esithele nayo.
Phondolwendlovu Mzolo
EMKHAMBATHINI