MHLELI: Ake ngiphawule ngalolu daba lokungaqini kwezokuphepha ezikoleni ngoba maningi amacala asebikiwe mayelana nezitshudeni ezishonela emagcekeni esikole okuyinto engayinhle ngoba abazali basuke bethembe ukuthi izingane zabo zivikelekile.
Siyizitshudeni sibhekene nezinkinga eziningi sizizwa singaphephile emanyuvesi. Sekukaningi sizwa kuthiwa isitshudeni silimale singaphakathi enyuvesi.
Kushone isitshudeni eDUT ngenxa yodlame nokungabibikho kwezokuphepha eziqinile futhi akukho okwenzekayo noma izinyathelo azithathiwe ukukhombisa ukuthi bazoboshwa ababulele isitshudeni. Kungasijabulisa ukuthi abasezikhundleni kuhulumeni bangenele kulolu daba ngoba kubonakala sengathi bayahluleka abaphathi benyuvesi.
Okubuhlungu wukuthi konke lokhu okwenzekile kwenzeke emakilasini okufunda. Sesiyesaba nokuyofunda ngoba sizizwa singavikelekile futhi nabazali bethu bathukile ngalesi sigameko. Kunzima uma sekwenzeka izinto ezifana nalezi.
Emanyuvesi nasezikoleni kumele kunyuswe izinga lezokuphepha ukuze izitshudeni zivikeleke nokufunda kuqhubeke kahle.
Sanelisiwe Wenzi
ETHEKWINI