MHLELI: Kwelakho elizikhipha zisashisa, ngivumele ngincome ubuchule bokuthungatha izindaba bese nizinika thina seziqinisekisiwe. Udaba lukaZandile Tembe, obengumphathi wezinhlelo oKhozini, lokuthi wesulile, alungimangazanga nhlobo. Bese kufanele azesulele ngoba vele umsebenzi wakhe ubusengcupheni.
Empeleni uZandile ukhombise ukungabakhathaleli abalaleli bakhe ngesikhathi enza ushintsho lwabasakazi. Okwangimangaza kakhulu wukunganikwa kukaThokozani Mafresh Mpungose uhlelo lwaphakathi nezinsuku. Kanti umsakazi kumele aze enzenjani ukuzibonakalisa ukuthi usevuthiwe kule ndima? Lokhu ngikushiso ukuthi uMafresh ubezikhandla ohlelweni lwakhe oluthi Akulalwa kodwa kunokuthi anikwe uhlelo lwaphakathi nezinsuku, bamnqamulela izinsuku.
Lokhu kungenxa yokuchema kukaZandile nabanye abasakazi. Ukube ukushintshwa kwezinhlelo kwenziwa ngabalaleli, ngabe silalela ukhilimu kusukela ekuseni kuya ebusuku. Kodwa amandla anikwa abantu abangawulaleli umsakazo, okungabaphathi bawo.
Angifuni ukubalula izinhlelo kodwa ukube bengiwumphathizinhlelo, bengizomyeka uBheka Prince Mchunu aqhubeke nokududula uhlelo lwangeSabatha ukuhlanganisa nemishado.
ULucky Nkosi, onikwe lolu hlelo, akayazi into ayenzayo, uyazinhlanhlathela nje. Uhlelo lwangeSabatha aludingi umuntu osindisiwe noma ongumzalwane kodwa lufuna umuntu owake wahamba noma ohamba imicimbi aphathe izinsuku bese eyavunula okuyinto abeyiphila uBeekay.
Lokhu bengizokwenza ngokukhulu ukungachemi, ngifake uMafresh ku-12 kuya ku-3 emini. Uyilungisa kanjani into engadingi ukulungiswa? Uyabona umunwe wokubheda kwezinhlelo zoKhozi ngiwubhekisa kuZandile futhi uzokubona lokho uma esehleli ekhaya etadisha izinqumo zakhe. Ngimfisela okuhle kodwa empilweni uZandile bese samukela uMandla "Mr Jazz Jazz" Mdletshe njengoba esabanjisiwe nje. Okumele kwaziwe ngabaphathi ukuthi uKhozi FM lufuna ululalele ukuze uzothatha kahle izinqumo.
KHABZELA KB MZIMELA
EZWELIBOMVU