MHLELI: Kuzohamba kuhambe kuphele ngesasasa lohlelo lukamaskandi olungena njalo ngoMgqibelo ngo-9.05-12 emsakazweni Ukhozi FM.
Esikhathini esiphambili ngisakhula nami kusasakaza ubaba uBhodloza Nzimande lwalumnandi kabi ngoba kwakudlalwa umculo kamaskandi kusukela luqala luze luyophela.
Le nto eyenzeka manje iqeda uthando lokulalela uhlelo ngoba ugcina usulalela into eseceleni.
Sasikuphi nje isidingo sikababa uGoqozile kuSigiya Ngengoma nobaba uMjosty kanye noDJ Ziyizo? Ugcina ungasayiqondi ngempela into eyenzekayo. Kokunye uthola ukuthi umculi uzodlalwa kabili ohlelweni. Uzofike adlalwe wumsakazi aphinde futhi no DJ Zayizo amdlale kule-mix yakhe.
Yizinto ezincane ezingenza kuphele isasasa kithina balaleli. Ukuba nje abalusakazayo basidlalela umculo kamaskandi kusukela luqala luze luyophela ngabe lumnandi uhlelo olunabalandeli abaningi. Abadidiyeli nabasakazi bakaSigiya Ngengoma sicela bayilungise le nto.
Buzokwakhe Mbatha