MHLELI: Abathathe amandla okuphatha kuMasipala Umhlathuze mukhulu umsebenzi obahlalele ukuvuselela ingqalasizinda ebinganakiwe ngebebephethe phambilinij. Umonakalo engiwubone erenki yamabhasi namatekisi ebizwa nge- A rank ufikisela amahloni. Kunemigodi okungaphonseka kuyo imoto ibhajwe noma kube nezinsimbi ezonakalayo emotweni. Bengiqala ukubona irenki enganakiwe njengaleya.
Ngeke ngibabeke icala abangene emandleni okuphatha ngoNovemba ngonyaka odlule. Ngifisa ukwazi kwabahlulwe ukhetho nyakenye ukuthi yini benzele phansi abemboni yamatekisi kanjalo nezinkampani zamabhasi ekubeni bekhokha eshisiwe imali ukuvuselela amalayisensi ezimoto minyaka yonke.
Iyaxaka le nto yezikhulu zomasipala eziholelwa itshe lemali zigcine zithenga izimoto zikanokusho kanjalo nezingaphansi komkhandlu ezibiza eshisiwe imali lena. Benjalo nje abasuke bengena bashintsha izimoto abazifice zisetshenjiswa bathenge ezintsha ceke, sengathi nale miholo yezikhulu eziphethe idinga ukubuyekezwa ngoba umsebenzi uyazehlula.
Ngikhuluma nje sifunde emaphephandabeni kuthiwa kubekwe eceleni izigidigidi zemali yokwesula izinyembezi abangalibonanga elidlalayo okhethweni lwanyakenye . Siyingozi nakubantu abahamba ngezinyawo lesiya simo. Umuntu angaphuka avandlazeke akhubazeke impilo yakhe yonke.
Sipho Robert Mpungose
Eshowe