MHLELI: Ngingumlaleli wemisakazo emikhulu nemincane, ngivumele ukuba ngivumelane nozakwethu asebebhale kaningana kuleli khasi lemibono yabafundi. Iningi lozakwethu belikhala ngokuthathwa kwemizuzu engu -30 ohlelweni Ezanamuhla olusakazwa ngobunyonincu uBusiswe Mkhize olungena ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-5 kuya ku-6 ekuseni. Uzokhumbula ukuthi phambilini lolu hlelo belungena ngo 5 kuya Ku 6.30 obekusenza ukuba singaphuthelwa yizinto ezenzeka ezweni lethu sakhile.
Ngifisa njengozakwethu ukuthi kubuyiswe imizuzu engu engu-30 ethathwe kulolu hlelo. Yize ngisiqonda isimo somhleli wezinhlelo kuKhozi FM ukuthi uzama ukubamba isikhathi sezinhlelo zakweminye imisakazo eqala ngo 6 kuya ku-9 ohlelweni lwasekuseni. Empeleni uma beqala ngo 6.30 basuke sebesele emuva kweminye imisakazo. Engingakusho kubaphathi boKhozi ukuthi abaqhamuke nenye indlela yokululungisa lolu daba lwezikhalo zabalaleli. Mhlawumbe abaphathi kumele basiqonde isikhalo sabalaleli nabathandi bohlelo Ezanamuhla. Ngike ngadabuka ngizwa omunye ethi lo msakazo awuzilaleli izikhalo zabalaleli kodwa ufuna ukwenza intando yawo.
Engingakusho ukuthi umsakazo onjengoKhoziI udinga umuntu osemnkantshubomvu nowake wasebenza njengomphathi wezinhlelo. Asethembe ukuthi lona obanjisiwe uMandla Mdletshe uzoyicwaninga le ndaba uma esenikwe ithuba lokubamba lesi sihlalo ngokusemthethweni, ngoba okwamanje usalawulwa yiSABC kokuningi ngezinhlelo. Engingakusho ukuthi akubuyiswe isikhathi sethu esintshontshiwe kweZanamuhla sanikezwa abantu abahlulwa uhlelo lwasekuseni iVMBS , iqiniso lithi lolu hlelo luyahluleka ukusinika okuyikho ekuseni.
Nami angisiboni isidingo sokuntshontshwa kwesikhathi sethu sinikwe bona ekubeni nekhasa phansi iyazibonela ukuthi bayanhlanhlatha nje sengathi abazani nhlobo.
Khabzela KB Mzimela
eZwelibomvu