MHLELI: Ngicela ukusika el'jikayo ngezigameko esezibikwe kwaningana, zabantu abafa emva kokuthola umjovo (umgomo) weCovid-19.
Kubonakala sengathi uhulumeni akazihluphi ngokunikeza abantu ulwazi oluyiqiniso ngalo mjovo. Sekukaningi kubikwa ngokufa kwabantu emva kokujova. Ngiyaqonda ukuthi baningi abantu asebejovile kodwa abakhombisa ukuzwana nomjovo, kodwa baningi futhi abagulela ukufa abanye baze bafe emva kokujova. Kuwumqondo omuhle kakhulu ukuba uhulumeni agunyaze ukusentshenziswa komgomo kodwa akubhekwe phela nobubi bawo.
Nabantu abangafundekelwa futhi bangaphoqwa ngawo sengathi uhulumeni ubakhathalele abantu. Kuyakhathaza nokuthi uhulumeni akuzibe ukubikwa kwezigameko zabafa emva kokugoma, uhulumeni athi abantu abangakholwa izindaba ezingelona iqiniso .
Ayikho le nto yezindaba ezingelona iqiniso ngoba abantu basuke bedlulisa ulwazi ngokungachemi njengoba kucheme abezindaba(abaphethwe uhulumeni). Kodwa-ke mina angithuki ngale mibiko ekhona ngomgomo, uma ubheka isikhathi owenziwa ngaso akuphelanga ngisho unyaka umkhuhlane ukhona kodwa ngokuphazima kweso umgomo wabe usukhona.
Kuyaxaka nalokhu ngoba umgomo noma umuthi wokwelapha kuthatha iminyaka ukuba wenziwe kuphinde kuhlolwe ukusebenza kwawo, kubhekwa nomthelela oba nawo kumuntu. Kuyasolisa impela okwalo mgomo owakhiwe ngokuphaziza kweso.
Sibahle Ngobese
ENQUTHU