MHLELI: Ngidumele ngenkulumo engehlanga kahle ka-Unathi Nkayi (osesithombeni) oyijaji emncintiswaneni ama-Idols SA osufinyelela emaphethelweni.
Siyisizwe kuyiqiniso ukuthi sisazama ukuhlangana nangokobuhlanga njengoba sahlukaniswa ngesikhathi sisacindezelwe ngamabhunu.
Uma sithinta izindaba eziphathelene nobuzwe kumele sizame ukulugada ulimi lwethu. Akuwona umkhuba omuhle ukuthi abantu sibabuke ngokobuhlanga kunokuba sibheke amakhono abo abanawo njengoba lenzile ijaji liveza ukuthi lo nyaka owamaXhosa.
Ngiyacabanga ukuthi kuyosiza ukuthi ithimba elibhekele ukuqoka amajaji limkhiphe u-Unathi ohlwini lwamajaji akuma-Idols noma aziphumele ngokwakhe. Ukuxolisa kwakhe akuzwakali kahle futhi ngeke kwenze mehluko kulolu qhekeko aludalile ezweni.
Makakhishwe u-Unathi kuma-Idols bese ethola abantu abazomeluleka kule nkinga anayo yokucwasa ngokobuhlanga.
Sabelo Sigudu