Mhleli: Kunombuzo ongifikelayo mayelana nezinto eziningi ahlale ekhala ngokuthi ziyamhlupha uMnuz Jacob Zuma (osesithombeni), ezenzeka phambilini.
Kungani angamane alobele izwe ngazo lezi zinto encwadini yomlando wakhe ngempilo nje jikelele? Kade ayelokhu ethi uzokhuluma. Ngifikelwa yilo mbuzo nje yingoba usanda kushicilela isixoliso ezinkundleni zokuxhumana, esibhekise kumlingani wakhe kwezepolitiki eqenjini i-ANC uMnuz Derek Hanekom.
Phela uZuma wasola lo mlisa ngokuba yimpimpi esebenzisana namaphoyisa obandlululo.
Inkantolo noHanekom baphoqe uZuma ukuba axolise, nembala ukwenzile lokho nakuba mina ngikholwa wukuthi ukwenze ngoba ebekelwe umbandela wokuba axolise, akakwenzanga ngoba ezisola lokho.
Ujike lapho wathi wenza okuthiwe akakwenze.
Sekumele abhodlele ephepheni nepeni uMsholozi manje, ahlaze lonke iqiniso alaziyo, salinda esabisa ngaphambi kokuba akhethwe njengomengameli, esola owayengumengali uMnuz Thabo Mbeki nabashushisi.
Usebale muva nje noMnuz Popo Molefe noMnuz Siphiwe Nyanda nabanye ezenzweni ezingezinhle nezithunaza isithunzi sabo. Konke lokho kumele akunekele izwe lonkana.
Mxolisi Zuma
eNorthdale