MHLELI: Ngisuswa wumbono kaSphamandla kwiSolezwe langoJuni 29, 2021, mayelana nomsakazo wethu uKhozi FM. Ngiwumlaleli wawo lo msakazo. Kuyabhimba ezinhlelweni okumele ngabe zinkulu futhi ebezidonsa abalaleli abaningi emsakazweni. Lapha ngikhuluma ngohlelo lwasekuseni nolwantambama.
Abalaleli sebekhale kakhulu, kasazi noma kuyafinyelela yini ezindlebeni ezifanele. Mabavume ukuthi ukushiya kwabo uKhathide “Tshatha” Ngobe kulezi zinhlelo kwalawulwa kakhulu yimizwa. Umsakazo uyamdinga uTshatha ezinhlelweni ezinkulu.
Kunelanga elike lagqama lapho abasakazi bantambama bevele bangangena bobabili. Sezwa izwi likaMafresh. Kithi esinolwazi ngomsakazo nokulindeleke kuwo, sakwazi ukuzwa ukuthi akalitholanga ithuba lokulungiselela ngokuhlangana nomdidiyeli wohlelo.
Akukho nje okwenzeka ngalolo suku kusuka uhlelo luqala laze luyophela. UKhozi esilwaziyo lungenza kangcono kunalokhu. Baphathi boKhozi, zehliseni ningalindi u-Aphreli wonyaka ozayo, kuyonakala.
Cynthia Mbali
EMZUMBE