MHLELI: Ake ngiphawule ngesigungu esiphezulu se-ANC esaziwa ngokuthi yiNEC nesinqumo saso sokucela abashushiswayo ngamacala enkohlakalo ukuba bazishenxele bona ezikhundleni noma baphoqwe ukuba bamiswe. Lesi sinqumo ngisishayela ihlombe. Sazi sonke ukuthi asizikhetheli abaholi kodwa sibhalelwa uhlu lwabazokhethwa. Umbuzo wami uthi wubani lo mbhali walolu luhlu na?
Kungani abaholi behamba bethi bakhethwe ngamagatsha ekubeni bezazi abakhethwanga ngamagatsha? Akubuyiselwe amandla emagatsheni, ngikhuluma nje sinezimeya ezakhethwa wosomabhizinisi ngoba betshala imali yabo ukuze bahlomule amathenda. Akungethusi ukufika kwenye yezimeya ehhovozi yathi kumakhansela sekuyisikhathi sensambatheka yento ebizwa ngeRadical Economic Transformation (RET) kanti kuzokwebiwa kusetshenziswa itemu leRET.
Uma kungaphenywa ukuthi liqhamukaphi leli temu, ungathola ukuthi lasungulwa yiwo amaGupta lawa ngenhloso yokweba imali yethu eNingizimu Afrika. Awasekho ke manje amaGupta, ashaye achitha nezikhwama zawo ezazishushunjiswa emagatsheni ukuze kukhethwe abaholi abafunwa yiwo.
Yisikhathi senhlangano ukubuyisa uzinzo embuthweni. Masethembe, emuva kwesinqumo seNEC, akekho osezonqatshelwa ubulungu. Manje ngikhuluma nje, kunqantshelwe abantu abangaphezu kwamakhulu amathathu ubulungu eWard 78 ngoba kuhloswe ukubambelela emandleni okuphatha.
Kunjena nje embuthweni, kwavunyelwa abaqoli bazicebisa nemindeni yabo, kumanje imizi yabo ungafunga ukuthi yizigodlo zobukhosi thizeni.
Okumangazayo, kukhona abakujabulelayo lokhu abeRET. Yisikhathi sabo manje sokuthi baphume iqembu labo lokweba imali yethu, bashiye i-ANC ngokuthula. Ingamane ilahlekelwe yivoti kunokwebela abakhokhi bentela. Abahambe basithele!
Okhathezekile
Ilungu le-ANC
EMLAZA