Kuningi esikwenzayo singabelaphi bendabuko okutshengisa indlala nokungabi ngabantu abahlonipha abaphathiswe khona ngabanikazi bomsebenzi.
Okokuqala yinkolelelo yokuthi uma uthwasa, uthwasa ngoba kufanele uphume ezinhluphekweni kokunye ucebe.
Kungakho kuyaye kuthi umuntu lapho esethwasile waphothula kube ima eqala phansi ephuma ethi uyofuna into yokukhuphula umsebenzi ukuze abantu bangene. Ukuthi bona baphi bona abantu, baluhlobo luni baguliswa yini akasabuzwanga, bese kwenzeka izinto ezithunaza umsebenzi wesintu bese ubukeleka phansi.
Iningi kungakho ligcina seliyothwala ngoba lifuna umsebenzi ukhuphuke. Okuyikhona okusihlula kakhulu wukuqonda ukuthi yini lena, nokuthi umsebenzi wehluke kanjani kweminye imisebenzi. Lokhu kube sekubangela izinto eziningi umelaphi agcina esezenza zingahambisani nobunyoninco bezokwelapha nemithetho yakhona.
Ngizokha phezulu ngibale izinto ezijwayelekile ezenzeka phakathi kwabantu abathwasile nabanikezwe ukuthi basebenze abantu.
Okokuqala ngikholelwa ekutheni uma ungumelaphi konke uyaphathiswa nawe bese uphathisa. Ngeke uphathise ungaphathiswanga.
Ngizothatha into yokuqala ukuthwasisa. Namhlanje usethi umuntu ephothule ngakho kodwa usuyezwa usenamathwasa inqwaba kodwa uma uzibuza ukuthi uphathiswe nini, uthole ukuthi lutho, yini na, ngoba sazi ukuthi wathwasa waphothula okulandelayo sekufanele uthwasise. Kulokho kuthwasisa kunamaphutha akhona esiwenzayo.
Abantu kabazingeneli ngoba bethunywe yidlozi labo bayaphoqwa ngogobela. Efika umuntu ezohlola egula kumbe enezinkinga, sekuzothiwa ngena ephehlweni uthwase. Kukhona ngisho ogobela abahamba bekubuza emgwaqweni ukuthi awuwemukeli ngani umsebenzi wabadala na? Uma uphendula uthi abakasho, uzothi umuntu woza kimina ngizokusiza, abasasho namhlanje sekufanele kube uwena ozithathela izinqumo. Uyongena-ke umuntu athwase ngoba ehluphekile, kulapho kuqala khona inkathazo.
Engakangeni omunye uzohlola bese evuma ukuthi uyeza uzongena ephehlweni, yilapho iyoqala khona indaba, ngeke umuntu wabantu busehla ubuthongo yizingcingo zingena ubusuku nemini sekuyabuzwa manje ungena nini kanti? Lapho usejahile ugobela ngoba usebone waqeda ukuthi nansiya imali lapho ikhona.
Kulungile-ke uzothwasa umuntu khona kodwa ugobela akazomenzela iqiniso: ngokwempande okufanele ayidle, ngokobunyanga anikwa bona othwasayo, nokuthi yena gobela lowo uphathisiwe yini leyo mpande. Ogobela abanaki idlozi lomuntu lifuna luhlobo luni lwempande? Kungakho-ke ethi angaqeda ukubekelwa izinkamba umuntu ngakusasa sezibole zonke.
Uma ungene ephehlweni idlozi lizikhulumela into yokuqala ezokwenziwa ukuze lithuliswe ngoba lizoveza izinto eziningi ezingafanale ngesigodlo sikagobela nangaye uqobo. Noma sekuqhamuka amaphupho nezibonakaliso ugobela uyena ozokuphikisa kuqala lokho athi akukho ngoba akajahe kuthwasisa kodwa ujahe ukuthola imali nokuthi unesibalo esingakanani samathwasa.
Yikhona-ke lokhu okwenza sithole abantu abaningi kangaka bethwasile kodwa ukugula obeku-baphethe kuqhubeka, izinhlupheko ziqhubeka. Lizokukhipha-ke idlozi kulesi sigodlo ngoba libona kudlalwa ngalo, kumbe uzibalekele wena, azokwenza ugobela uzokulandelisa ngemithi esekuthakatha, umphuphe ebusuku enza izinto futhi usutshengiswa ukuthi wenzani. Okutshengisa indlala nokulamba.
Sisadlule kulokho, baningi abantu abathi uma kade beyohlola, umuntu usezolandelwa ngezingcingo ngugobela ethi ubuya nini ukuzokwenza okwathiwa asikwenze.
Baningi abantu abakhala ngalokhu uma uke waya kohlola ngeke usalala ubuthongo yizingcingo zomelaphi ekubelesela ngokubuya kwakho. Khona lapho, kukhona nokwesatshiswa uma ungakwenzi ohlolelwe khona uzoyikhotha imbenge yomile, uzokufa nokufa. Kothi-ke noma usuyile wakwelapha, uma usufuna ukubuyela emuva uyobheka kwahamba kanjani, noma awuboni kahle ngeke usamthola ocingweni, ngoba inhloso isifezekile.
Baningi-ke ababhulela abantu ezitimeleni nasematekisini, kumbe uzihambela edolobheni uzwa ngomuntu esethi; “awuwemukeli ngani umsebenzi wabadala” uma uthi cha ngiyathwasa kasibanibani, athi hhayi woza kimina, ngizokwenzela mina udlala ngawe lowo melaphi.
Athi umuntu angathwasa kwenye indawo ngoba ujahile lokhu angakwazi naye akujahile, usuyombona esoyohlola kwenye indawo, noma kanjani lapho kuzokuthiwa awenzelwanga kahle, woza kimina. Kungakho-ke namhlanje sinezinyanga ezihambe zifakela abantu basemakubo abadala, ezinye zibethele, uma uhlola isho ukuthi sewabafaka, kumbe wabethela, izwi liqhamuke liqhasha: “akwenzekanga”.
Lezi zinto zenza umsebenzi wethongo nedlozi ubukeleke phansi, wenziwa ngabantu bedokwe lendlala ngoba bejahe ukuthiba isisu. Kube-ke kukhona ukuzondana kwabelaphi bendabuko bebodwa, esiyoxoxa ngakho ngelinye ilanga.
Bhedlindaba
Isigodlo SaseMlambomunye
087 11 00 555