ININGIZIMU Afrika iyizwe elinezinhlanga ezihlobe ngokwahlukana ngokwezilimi. Ulimi luyithuluzi elimqoka elingasetshenziswa ukuveza futhi ligqamise ukukhululeka ngokwamalungelo. Ulimi lwenza imiphakathi yeseNingizimu Afrika ikhululeke ngokwempilo, isiko, umnotho kanye nezoembusazwe. Inqubomgomo inikeza izilimi zabomdabu azazicindezelwe amandla alinganayo nalezi esezivele zithuthukile. Isigaba 6 soMthethosisekelo sigunyaza izilimi ezingu-11: Afrikaans; English; isiNdebele; isiXhosa; isiZulu; Sepedi; Sesotho; Setswana; Siswati, Tshivenḓa kanye Xitsonga. Kunezinhlelo zokwengeza olwesishiyagalombili okuwulimi lwezimpawu (sign language).
Inqubomgomo yolimi ezikhungweni zemfundo ephakeme igqugquzela ukusetshenziswa kwezilimi zabomdabu ukufunda nokufundisa. INyuvesi yakwaZulu ikumaNyuvesi aseNingizimu Afrika azibophezele ukugqugquzela ukusetshenziswa kobuliminingi. Lokho bazokwenza ngokuthuthukisa ukusetshenziswa kolimi lwesiZulu ukulekelela ulimi lwesiNgisi ukufunda nokufundisa okuyilona olusahamba phambili okwamanje. Okuyinto ebukeka iyingqinamba enkulu kulo mkhankaso ukuthi kubukeka sengathi kuncane kakhulu uma kukhona okwenziwayo emazingeni emfundo ephansi kanye nasemiphakathi okuyiyona ekhuluma izilimi zabomdabu. Ukugqugquzela ukusebenza kwalezi zilimi ebangeni lemfundo ephakeme kuphela kufana nokunisela isihlahla esinenzimpande ezibolile esingawa noma yinini.
Kubalulekile ukuthi lo mkhankaso wenziwe nasemabangeni aphansi emfundo kubuye kube khona indlela yokuxhumana nomphakathi okungabazali bezingane. Abazali abaningi ibona abangafuni izingane zabo zifunde izilimi zabomdabu ezikoleni. Kanti babuye nasemakhaya bengazifundisi ukukhuluma nokubhala ngolimi lwazo. Lokho kwenza umsebenzi wokuthuthukisa izilimi zabomdabu ube nzima kakhulu. Abazali babona singekho isidingo sokuthi ingane ifunde eNyuvesi ngesiZulu ngoba bekholelwa ekutheni ngeke kuyisize ngalutho ingane. Iqiniso lithi kulula ukuqonda into echazwe ngolimi lwakho lwebele noma ibhalwe ngolunye ulimi phansi.
Njengoba kuyinyanga yamagugu abazali bayacelwa ukuba bazinike izingane inkululeko yokuzikhethela ukufunda izilimi zazo ngokuthi bazikhuthaze. Izingane emazingeni aphansi zisakhethelwa abazali izifundo ezingazenza ngoba zisuke zingakabi nalo ilungelo lokuzikhethela. Ukufunda izilimi zabomdabu akusho ukuthi azingasifundi isiNgisi. Ulimi lwesiNgisi ngeke sakubalekela ukuthi lubalulekile ezigabeni eziningi zempilo yingakho inqubomgomo ingqugquzela ukusebenza kwezilimi zonke ngokulinganayo. Akubalulekile nje kuphela isiZulu kanye nesiNgisi kodwa nezinye izilimi ezikhona eNingizimu Afrika zibalulekile njengoba kuvela kuMthethosisekelo.
Kuye kube yichilo ukuzwa ingane engumZulu ihlukela ukukhuluma ulimi lwayo lwebele. Ngiyazi ukuthi abazali baye babone izingane zabo ziyizifundiswa uma zikhuluma isiNgisi zisikhipha ngamakhala. Cha nami angisho ukuthi kuyinto embi, inhle impela kodwa asiqaphele singagijimeli okwabanye bese silahlekelwa okwethu okugcono asixhake konke ngezandla zombili. Ukulahla ulimi lwakho ngoba nakhu ufuna ukugijima nalolu lokucela itiye kufana ncamashi nalokhu okwenziwa abafundi uma benezikhalo ezithile baeshise lokhu abanakho ngoba befuna abangenakho. Ukulahleka kolimi kusho ukulahleka kwesiko laleso sizwe. Asikho isizwe ngaphandle kwesiko laso. Ukulahleka kwesiko ukulahleka kokuzazi kwaleso sizwe ngoba umlando wesizwe unamathele, olimini, osikweni nakusikompilo lwaso.
Okusilahlekele ngenxa yokungazi kulungile kodwa asingavumi ukulahlekelwa okuncane esisele nakho!!!!!!!!asingavumi ukulahlekelwa ubuthina!!!!!!!!
Nginifisela imigubho emihle nisagubha inyanga yamagugu.
Ibhalwe nguDkt Bongephiwe Dlamini- Myeni
oseMnyangweni weZilimi zoMdabu namaSiko
eNyuvesi yaseZululand