UMA kukhona okufanele abantu bakithi bakubhekisise futhi bakwesabe yile nto okuthiwa wukuthwasa. Ziningi izigameko engingabhekisa kuzona. Okungisukumisile ukuthi ngibhale ngalokhu wudaba oluphume kwiSolezwe ngoLwesine, isihloko besithi: Amathwasa alaxaze ubizo “enukubezwa” wugobela.
Angazi sengiyikhulume kangaki le nto emsakazweni ohlelweni uJabula Ujule ngaphansi Kwengono Yomsamo ukuthi ukuthwasa kwenzeka kanjani kuza kanjani. Kodwa wungathi abantu bakithi izindlebe kazikho.
Le nto iyadabukisa isifana nehlazo esizweni sakithi ukuthi uma uke wagula walala esibhedlela, wahlupheka, ugingqika ngemoto, uphupha izangoma, amabhayi, amashoba emsebenzini, uyaxoshwa, ubalekelwa yindoda nomendo uyachitheka sekuthiwa isisombululo wukuthwasa. Ngiyakhuza bantu benkosi, izimpilo zeni lezi.
Uma ubhekisisa kusukela ngonyaka ka-1994, cishe sekuthwase abantu abangaphezulu kwezigidi ezingu-10. Uzibuze yini? Yilapho kuqala ukuntula kwabantu bamnyama ngoba nakhu bezwa kuthiwa kukhona inkululeko esingahlalanga phansi sazibuza ukuthi: iyini ngempela inkululeko? Ngendlela ebese sihlupheke ngayo, sizitshele ukuthi wonke umuntu uzonotha, izinkinga zethu zisombululeke. Nohulumeni waqhamuka nezithembiso ezingasafezeki, njengalokhu ubona engasekho ongathi uma engena esikhundleni angakhwabanisi. Yiyona indlela manje yokuvala leso sikhala esavuleka ngenkathi kuthiwa sesizokuba ngabavoti.
Omunye walaba bagilwa uthi uye kugobela eyohlola ngoba kade elele esibhedlela, nasemsebenzini izinto zingamhambeli kahle, ngakho wase ethi kufanele avume idlozi. Wubani osethi makalivume kuyena ngoba umuntu uyakhonjwa lapho kufanele aye khona?
Okwesibili, omunye uthi wamphuzisa utshwala ukuze idlozi libhodle, akasaboni futhi akasazi ukuthi utshwala buyadaka ufuna adakwe bese emenzakalisa? Ngokuthi bobabili baxakekile, bavume konke kodwa ekugcineni ukuvuma kwabo sekuyabashaya. Ukuthwasa bantu bakithi akusona isisombululo sikanoma ngubani.
Kulaba babantu uzothola ukuthi komunye wabo umama wuyena okufanele athwase kodwa kwangenzeka, ngokungahloli kahle kukagobela nokubona ithuna lokuba nesibalo samathwasa nemali, wanquma ukumngenisa entwaseni.
Lihle iqiniso ukuthwasisa kukabili: imali nokukhulisa isibalo. Namhlanje kawuyena ugobela ungenalo ithwasa. Uzwa umuntu ethi mina nginamamthwasa angaka, kumbe sengakhipha amathwasa angaka, uvele ubone ukuthi kakusekona ukuthwasisa lokhu sekungukuziqhayisa ngesibalo nokuthiba indlala ngabantu abahluphekile.
Ake ngiqondise izinto manje: Abantu bakithi ngaphambi kokuthi bayohlola kewukhulume namathongo akini, ubuze ukuthi yini lena ekubangela izinkinga. Kukhona lokhu engihlale ngikusho kokukhanyisa amakhandlela amambili nendishi yamanzi ukuthi kuphahlwe kukhona bese umuntu elindela izimpendulo emaphusheni.
Lokhu kuchazwa kabanzi kwafakwa nesithonbe sendlela yokwenza, encwadini Umsamo NoDengezi. Ngaphambi kwanoma yikuphi ukuyohlola noma ngabe wuhlangana nomuntu akuhlolele edleleni , phuthuma-ke uyokwenza lokhu ekhaya ukuze uqiniseke. Baningi osekubasizile lokhu. Baningi abantu abafike kimina eSigodlweni Emlambomunye bethwasile ngifike ngibakhumulise yonke into ngithi ayikho le nto ababeyenza kwakudlalwa ngaye umuntu. Hhayi ngoba ngithi ngingujikelele kodwa iqiniso kufanele silimele.
Omunye wezinganyana eyabe sebeyithwasisile namhlanje iyasebenza eCanada, emva kokuba ugobela edlale ngayo ngayikhumula konke ngase ngithi makugezwe ugogo kunina, zaphela izibhobo ezazimphatha.
Okunye okufanele abantu bakucele ukuthi uma uyohlola noma sekuthiwa thwasa unalo ilungelo lokuthi ugobela akuvezele isitifiketi salapho athwasa khona, ngomthetho kufanele silenge odongeni lwendumba yakhe. Uma enqaba phuma uhambe, kunokuthi kudlalwe ngawe.
Yimpilo yakho lena, makungadlalwa ngawe.
Bhedlindaba
0871100555/0310032953/0100075294/5
- UMSAMO: INGONO NENKABA