Mhleli: Izinto zimane ukwenzeka kwezinye izifundazwe kodwa engikubone kwithelevishini kwenzeka e-Eastern Cape eMnyangweni wezeMfundo kufikisela amahloni.
Akukholakali ukuthi emva kweminyaka engu-26 sathola inkululeko kodwa kusekhona izingane ezifundela ezimeni eziyihlazo njengaleli ebesikhonjiswa lona mhla ka- 13 kule nyanga.
Indlela lesiya simo esibheda ngayo ngifisa ukwazi ukuthi abakulesiya sifundazwe kabayidingi yini bona impilo engcono. Sihlale sigubha minyaka yonke sikhumbula amalungelo abantu ngokunjalo nempilo engcono kuwonkewonke, nezwe lethu linoMthethosisekelo nemithetho yamalungelo ethu sonke kodwa ngiyazibuza ukuthi ngabe lisekhona yini ithemba ngabantu abasemandleni okuhola izwe uma kusenje. Okuxakayo wukuthi leli chilo lisesifundazweni okuphuma kusona omengameli ababili baphambilini abahlonishwayo uMnuz Nelson Mandela noMnuz Thabo Mbeki.
Sikhuluma nje kumanje abakuhulumeni baboshwa mihla yonke ngenkohlakalo yokukhwabanisa imali okumele ngabe ifeza izidingo zomphakathi.
Sibonile kuvezwa izingane ezincane zizikhulula ezindaweni okuthiwa amathoyilethi okunye kwakhiwe ngodaka kanti namagumbi okufundela ayihlazo elingachazeki.
Othisha amagumbi abawasebenzisa ukulungiselela ukuyongena kungaphuma imamba emnyama kuwona kanjalo nakuwo amathoyilethi.
Umbuzo uthi abantu abaqokelwa ukuhola minyaka yonke e-Eastern Cape kusuke kubonweni kubo uma beqokelwa ukuphatha iminyango kahulumeni?
Siwabonile namantombazane equluse obala ezikhulula. Lokho izingane kuzehlisa isithunzi ngoba akekho umuntu ofisa ukubonwa uma ezikhulula. Siyambonga nomfo kaMajola engingazanga noma iKhula ebivezwa naye iyinhlangano elwela amalungelo omphakathi endaweni yini.
Jolinkomo angapheli amandla okulwela umphakathi, wenza omkhulu umsebenzi, singeyishiye ngaphandle inkosi eveziwe nayo namalungu ezigungu ezilawula izikole.
Impilo ephilwa wumphakathi wase-Eastern Cape ingikhumbuza ubunzima ababephila ngaphansi kwabo bekhokhiswa intela yemfuyo kuhulumeni wobandlululo ngaphansi kwenkosi uMathanzima. Umbuzo uthi kuyoze kube nini bephila impilo ebuhlungu kangaka? Bayavota yonke le minyaka baze bathenjiswe impilo engcono.
Uma kunjengoba kunje ngikhumbula iculo lenye yezintokazi zakithi umama uLetta Mbulu elithi Not Yet Uhuru okuhumusheka ngokuthi asikayitholi inkululeko. Lasho elinye lamaqhawe esingasoze sawalibala ingcithabuchopho esiyalala kwelibandayo uSteve Biko lathi ( Black man you are on your own ) okuhumusheka ngokuthi muntu omnyama uwedwa kulokhu. Injalo-ke ipolitiki yaseNingizimu Afrika ihamba ngobubhululu nobuhlobo. Wobona ngoba nakuhulumeni uthola ukuthi indoda ifike ibe ngungqongqoshe kanjalo nomkayo ngisho izingane zabo imbala ziphendlelwa izikhala eminyangweni kuhulumeni.
Kuyoze kube nini kulokhu kugxekwa umthelela wobandlululo uma sifuna izidingo emva kweminyaka engaka sathi sikhululekile?
Thina sihujiswa uxamu bona bahubha inyamazane, bangaki osozigidi abangoqhibukhowe abakhushulwe yinkohlakalo ababuye bagwaze kwabaphethe.
Kukho konke okwenzeka ezweni kodwa okwase-Eastern Cape kuyichilo akukhombisi ukuthi bayingxenye yezwe lethu, ngifisa ukwazi ukuthi obekhulumela umnyango wezemfundo ingafunda yini kulesiya simo eyakhe ingane njengoba ubencoma amadlangala abawabeke kwezinye izikole.
Sengathi banganda abantu abakwazi ukumela umphakathi ohlwempu njengomfo kaMajola.
Sipho Robert Mpungose
Eshowe