MHLELI: Baningi abantu abangenalo iqiniso eNingizimu Afrika. Ujike ungazi ukuthi baqhuba ipolitiki noma yingoba behlulwa wukungabi namgogodla.
Kusuke umsindo ngokukhululwa kowayengumengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, ngoshwele wezempilo. Kukhona abathi bafuna ukubona ukuthi kufinyelelwe kanjani kuleso sinqumo. Abanye sebegxeka uKhomishana wezamaJele, uMnuz Arthur Fraser, ngokuthi bekungafanele angene endabeni yokukhululwa kukaZuma ngoba “bangobhululu”. Babodwa nabakhala ngokuthi seyiyaphela inkontileka kaFraser esikhundleni asiphethe ngakho akasenalo ilungelo lokusayina ukukhululwa kukaZuma. Omunye wabaphawule lokhu nguMnuz Bantu Holomisa, engimbone kwiTwitter ethi impela udaba kufanele lugcine ePhalamende ngoba inkontileka kaFraser iyaphela ngokuphela kukaSepthemba futhi ngeke ivuselelwe.
UHolomisa nabacabanga njengaye angibezwanga besho lutho ngokugwetshwa kukaZuma yiJaji, uSisi Khampepe. Ngesikhathi iJaji uKhampepe ligweba uZuma lalibambe njengenhloko yamajaji inkontileka yalo iphelelwa yisikhathi esontweni elilandelayo njengoba lesi sikhundla sesibanjwe yiJaji uRaymond Zondo.
Akekho owathi bekungafanele iJaji uKhampepe likhiphe isinqumo ngoba lase lizophelelwa yisikhathi esikhundleni. Uma ngizohlehlela emuva kancane, no-Advocate Thuli Madonsela wakhipha umbiko ngezinsolo zokuLawulwa koMbuso yiDlanzana isikhathi sakhe sesiphela. Lapho bakhona ababuza ukuthi kujahweni ngoba ukhona ozongena esikhundleni soMvikeli woMphakathi? Labo abalalelwanga ngoba babukwa njengezikhohlakali ezazifuna kuqhubeke ukuLawulwa koMbuso yiDlanzana.
Kuyaxaka-ke ukuthi abantu bayashintshashintsha, abanamgogodla, bafuna kube nemithetho esebenza ezintweni ezithinta uZuma kuphela. Sonke siyalingana ngaphambi komthetho. Uma kulandelwe umthetho ngokukhululwa kukaZuma, masingabangelwa umsindo ngento engenasidingo. Ngale kwalokho sekubukeka sengathi abantu bafuna udumo nokubukwa ngoZuma. Yonke into ethinta uZuma kusuka ngisho izinhlangano zontamolukhuni zibe nezwi. Akungadlalwa ngoZuma. Kade edikwadikwa sibuka - sekwanele manje.
Maduma Mthembu
KWADUKUZA