MHLELI: UMnuz RNR Mandela, Ahh Dalibhunga! Ukhululwe ejele ngo- 11 Febhuwari 1990 ngisemfisha kakhulu. Kodwa engikukhumbulayo wuMnuz F W De Klerk wayekhuluma isibhunu kakhulu ngalolo suku kuyo yonke imisakazo. Inkulumo ayevame ukuyisho ayiphindaphinde uMandela wayethi: "Ngilwe nombuso wedlanzana, ngilwile ukuze abamnyama bathole inkululeko. Uma lokho kwakukhonga ukuba ngife, kwakumele ngife".
Wayezwakala enomunyu. Kahlehle Mhleli ngithi sengathi kulo nyaka lube yindabamlonyeni usuku lomhla ka-10 Mayi okuwusuku owagcotshwa ngalo uMandela ngo-1994. Kimi kuvuke izinkumbulo ezimnandi zangalolo suku. Ilanga lalikahle libekile licwathile. Ngikhumbula kahle ngibona omengameli bamazwe aKwaGondwane betheleka izikhawu.
Sisathe bha isithombe sikamengameli waseCuba, uMnuz Fidel Castro owatheleka eheze ngesikhafu esiyisikoshi maqede kwaduma inkundla. Kukhona noMnuz Salim Ahmed Salim owake waba wundunankulu waseTanzania. Ngakusasa uthishanhloko AA Biyela waseMbiya High School wasibuza ngalo mcimbi, waze wathi waphatheka kabi iSilo nondunankulu waso bebabeka "laphaya phansi" nabantu phaqa. Kwaba wusuku olwalumnandi loluya.
Abantu babelindele ukuthi luyeza lukhulu emuva kokuba emengameli omnyama efungisiwe, kanti izinto zizokonakala kakhulu.
Phila N Mthethwa
EMPANGENI