MHLELI: Ngikhollwa wukuthi yonke into emhlabeni inobuhle nobubi bayo. Kodwa-ke angikaze ngizwe okubi kushiwo ngomgomo weCorona ekubeni sizwa into eyodwa vo yokuthii unciphisa amathuba okungatheleleki nge Covid 19.
Singasho ukuthi iCovid 19 inemixhantela mphumela inkinga iqala lana-ke ngokwemizimba yabantu ngoba ayifani uthola ukuthi owomunye untekenteke uyashesha ukuzwela noma ungahambelani nomgomo uqobo bese uba nobungozi thizeni emzimbeni womuntu noma agcine ngokufa.
Kuthatha iminyaka ukwenza ucwaningo ngezinto ezingalapha abantu sengikhuluma phela ngemijovo namaphilisi ngoba impilo yomuntu ibalulekile kakhulu ngoba ngephutha elilodwa nje umuntu angafa.Ngakho-ke impilo yomuntu akuyona imoto engantshontshwa iphinde itholakale, noma ukwazi ukuthenga enye, uphila kanye empilweni kuphela nje.
Ngokombono wami ukugoma ngeke kulungele wonke muntu ngoba imizimba yabantu ayifani.Angisho ukuthi abantu abangagomi kodwa abangafakwa abantu ingcindezi kangaka ngoba uma kungenzeka ukuthi umuntu agome ekubeni ubephila engenalutho inyama ihlukane nomphefumulo emva kokugoma ngeke kube ndaba zalutho. Umbuzo ozolandela lapho uthi bukhona yini ubufakazi bokuthi ubulawe umgomo.
Yekani ukusebenzisa amandla ngoba nakhu niphethe nisezikhundleni.Sekumele kube nento eshoyo noma okumele iveze uma sigomile uma singena ezitolo, kumele sibe nento eshoyo manje ukuthi sigomile uma sifuna imisebenzi.
Monwabisi Zulu