KUNEMPI engingayazi ukuthi iyolanyulwa wubani phakathi kwabazalwe ngeminyaka ka-2000 nabeka-1980. Zaze zalufela ubala izingane ezincane ezinkundleni zokuxhumana, zingenzanga lutho.
Ziningi izinto ezingezinhle ezihlala zibhalwa ezinkundleni zokuxhumana ngezingane ezizalwe ngeminyaka ka-2000.
Imvamisa le mpi iba phakathi kwezintokazi zama-80’s ezihlala zifaka izithombe zazo ziswenkile, bese zifuna ukuqhathaniswa nezingane zika-2000.
Yilapho obona khona ukuthi inkulu indaba ngalezi zingane, indlela ezigqoka ngayo nemfashini yesimanje yehluke kakhulu kuneyangama-80’s. Okumangazayo wukuthi kunabantu beminyaka ka-1990 ongeke ubezwe bethi vu ngabaka-2000 ekubeni yibona abasondele eminyakeni yabo. Babodwa abakhala ngokuthi abaka-2000 bayashesha ukuqoma nokukhulelwa futhi abalazi ihlazo.
Kumangaze ngoba kunenqwaba yabaka-2000 enabazali baka-1980 abacishe balingane nabanye babo, okukhombisa ngokusobala ukuthi nabo badlulile kulesi sigaba sobungane nokudideka.
Kwamanye amakhasi ezinkundleni zokuxhumana, ikakhulu kuFacebook sekwaba yisitayela ukufaka isithombe sakho bese usho iminyaka onaye maqede uzibongele ngokuthi noma umdala usabukeka kangcono kunabaka-2000, okungawenzi umqondo.
Kuyihlazo okwenziwa ngabaka-1980 kulezi zingane ngenxa yokubona namathuba ezibe nawo empilweni. Kuyacaca ukuthi konke okusuke kushiwo kuhambisana nomona ngoba lezi zingane zigxekwa ngesingisi esikhulu ezisikhulumayo, ukugqoka izimpahla ezibizayo, amathuba ezikhula ekhona nangokukhula ngokushesha. Alikho nelincane iphutha elibekwa licace ngama-2000 ngaphandle kokuthi konke okubi kudalwa yibona.
Uma izintokazi zama-80’s zingazehlisa kuningi ezingakufunda kulezi zingane ngisho emakhaya.
Iningi lama-2000 likwazi ukwenza imisebenzi yezandla, ukusebenzisa ubuchwepheshe ngobuchule, yizindlela ezilula nokuzenza izitayela zasemakhanda, yizindlela zokugqokela izitayela zemfashini, ukuzenza izinzipho, ukuziphaqula zibuka kwi-internet.
Ngaphandle kwalezi zinto ziningi nezinye izinto abama-80’s abangazifunda yize ukuphendulana nomuntu omdala kungeyona into enhle kodwa ama-2000 ayakwazi ukuqophisana nawe ngenkulumo besebenzisa izibonelo ezisencwadini, uze ulibone nawe iphutha lakho.
Lokhu kuyakhombisa ukuthi abacindezelekile kangakanani ngokomqondo. Noma ngabe abaka-1980 bangakhalipha kanganani kodwa akukho abazokufundisa ama-2000 kuzwakale kahle ngoba yonke into ayithatha ngolaka nokujaha ukuzigxeka lezi zingane.
Lesi yisikhathi sokwamukela ukuthi impilo ayisafani futhi indlela okhululiswe ngayo ngeke ifane nokukhuliswa ngayo izingane ezincane kunawe. Kunezinto ama-2000 azazi kangcono kunabazalwe ngo-1980 futhi akulona ihlazo ngenxa yegebe leminyaka elikhona phakathi kwabo.
Le nto yaqalwa wumuntu oyedwa, walandelwa yinqwaba efuna ukubukwa ngokudicilela phansi isithunzi sabanye.
Uma umuntu efisa ukuguqula lesi simo angaqala ngokuveza okuhle okwenziwa yingane yangakubo ka-2000. Phansi ngokuhlukunyezwa kwama-2000 ezinkundleni zokuxhumana engenacala! Uyekeni umkhuba uzonehlisa isithunzi ezinganeni.