MHLELI: NgiseGoli lapha engikhona ngokomsebenzi. IGoli sengalithatha njengendawo lapho kuhlangana khona kakhulu izinhlanga ezahlukene.
Indaba kababa uMsholozi ngiyibuka izohamba ihambe isuse umsindo ongenasidingo, umsindo wobuhlanga. Kunezinhlanga ezithile lapha eGoli ezijabule ngoba ubaba uMsholozi ezinikela emaphoyiseni. Zona zijabulele ukuthi ungumZulu. Zisho amagama amabi ngamaZulu. Ngicabanga ukuthi kuzafuneka kusheshe kukhuzwe lokhu asebekwenza befaka indaba yobuhlanga lapho ingafanele khona, ngoba akekho umuntu ohlakaniphileyo ongaqhakambisa indaba yobuhlanga, kakhulukazi sibe sithi singama-Afrika. Ibuhlungu le nto abayenzayo engenza ukuba abantu bagcine sebeyibuka ngelinye iso le nto, bese kusuka udlame. Angizukungena kakhulu ekuboshweni kukababa uMsholozi ngoba ngeke ngakwazi mina nje ngiyimi ukukhuluma into engingenangqikithi yayo kepha kona kube yinto ebuhlungu kakhulu, kwase kwazonezezelwa ngabantu abayibheka ngobuhlanga, bayeka okwepolitiki kwamaqembu bavele bayibhekisa ngobuhlanga. Ngeke ngafihla ukuthi vele nathi abanye bethu singamaZulu sebeyithathile bayibuka ngalo iso lobuhlanga ngenxa yezinto abanye bezinye iznhlanga abazishoyo kwezokuxhumana nasemisebenzini esikuyona. Okubi sishintshelana sodwa singabantu abamnyama.
Mpha Omnyama Shabalala
EMNAMBITHI