MHLELI: Lona ngumbono wami ephephandabeni lakho elihamba phambili. IsiZulu siyasho ukuthi ikhohlisana ihlomile. Bengiyilalele inkulumo kaMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, lapho enyusele leli lizwe esigabeni sesibili.
Enkulumeni yakhe ugcizelele ukuthi masisebenzise izifonyo, sigeze izandla futhi sisebenzise nezibulali-magciwane sonke isikhathi ukuze sivike ukubhebhetheka kweCorona esibhubhise umhlaba wonke.
Uvamile vele umengameli ukuxwayisa isizwe ukuba sizivikele. Nemisakazo emikhulu efana noKhozi FM, iyakugcizelela lokhu.
Kuyadumaza ukubona abahlonishwa abaphethe umthetho kuleli lizwe, abafana noNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz uBheki Cele nokhomishana bakhe bebukeka bengakugqizi qakala lokhu. Ngisho phela ukuba kuyabahlupha ukubhebhetheka kwalesi sifo ngabe kukhona izinyathelo ezinqala abazithathela ososeshini bamatekisi abangenandaba nokugqugquzela abashayeli babo bamatekisi ukuthi bafake izifonyo, baphinde babe nezibulali-magciwane ematekisini.
Lapha eNingizimu Afrika kukwaMachanca nje; kukwampunz’edlemini. Umthetho kawukho. Ungathi abekho abantu ababhekelele ukusebenza komthetho. Umengameli uthi kuyicala ukungasifaki isifonyo emphakathini kodwa abantu bayazenzela nje, akuboshwa muntu.
Smanga Gazu
KWANONGOMA