UMBUZO obalulekile okumele amalungu kaKhongolose azibuze wona, njengoba esemkhankasweni wokukhipha lo mbutho ehlathini elimnyama ozithola odukuza kulo, ngothi zimpawu zini okumele azibheke kumholi noma abaholi abazokhethelwa ukuhola le nhlangano engqungqutheleni ezoba ngoDisemba nonyaka.
Uma impendulo yalo mbuzo ingagxilanga, yajula ephuzwini lokusebenza ngobuqotho, amalungu kaKhongolose kuyomele akhohlwe wukuthi umbutho wawo uyoke uphinde wakheke kabusha.
Ukusebenza ngobuqotho kusho ukusebenza ngokuzikhandla, ngokuzinikela, ngeqiniso, ngokwethembeka nangokuzithoba okuhambisana nokuhlonipha umthetho wezwe nomphakathi.
Kusho ukusebenza njengoDkt Zweli Mkhize ongomunye wabaholi bakaKhongolose abanohlonze.
Alikho nelilodwa ilungu likaKhongolose elingathi alilazi iqhaza elabanjwa wuMkhize ebambisene noJacob Zuma, Sibusiso Ndebele, iNkosi Zibuse Mlaba, Dkt Frank Mdlalose, uMfu Celani Mthethwa nabanye, ekulamuleni izimpi zepolitiki ezazikhungethe isifundazwe iKwaZulu-Natal eminyakeni yawo-1990 kuya ko-1996.
Akekho futhi ongathi akalazi iqhaza aba nalo emshikashikeni wokusondeza imitholampilo nezibhedlela kubantu ngenkathi ewungqongqoshe wezempilo, nokufukula isimo somnotho wesifundazwe ngesikhathi ewungqongqoshe wezezimali kanjalo nokuthuthukiswa komnotho ngesikhathi ewundunankulu.
Angisayikhulumi-ke eyegxalaba alifakile ekulwisaneni neCovid-19 ngenkathi ewungqongqoshe wezempilo kuzwelonke.
Engingakwazi wukuthi ayakukhumbula yini amalungu kaKhongolose ukuthi kuyinto engajwayelekile kanjani emlandweni kahulumeni wakithi eNingizimu Afrika, ukuthi umholi ozithola ethinteka ezinsolweni zenkohlakalo noma zokungaphathi ngendlela egculisayo umsebenzi asuke ejutshelwe wona, azicelele yena ukuthi ehliswe esikhundleni ukuze abhekane kahle nalezo zinsolo.
Ngenkathi kuvela izinsolo zokuthi uMkhize uyathinteka ezinsolweni zokunikezwa kwabathile abake basebenza naye phambilini inkontileka yokuxhumanisa uMnyango wezeMpilo nabezindaba nomphakathi, nokuthi enye imali eyakhokhwa ngaphansi kwale nkontileka yaphelela emalungwini omndeni wakhe, okaKhabazela akapholisanga maseko, wazicelela ukuthi amiswe emsebenzini kuze kube wukuthi uphiko, iSpecial Investigative Unit (SIU) luyaluphothula uphenyo lwalo.
Kuthe uma luluphothula lolu phiko uphenyo, lwathola ukuthi izinsolo ezithinta okaKhabazela ziqine ngokwanele ukuthi zidluliselwe emaphoyiseni yize zingabambeki ngokuphelele. Wabe esecela ukwesula emsebenzini yikhona ezobhekana kahle nezinsolo.
Akazange amnike ubunzima uRamaphosa ngokufuna ukugweva nesikhundla ukuze afeze izinhloso zakhe noma adale udungunyane olungenasidingo kuhulumeni naseMnyangweni wezeMpilo.
Washiya ihhovisi elihambisana nemihlomulo ethandwa kakhulu ngabaholi, okubalwa kuyo amalambu aluhlaza ezimotweni, ukuze ageze igama lakhe nokuyinto abahlulekayo ukuyenza abaholi abaningi.
Okubaluleke kunakho konke wukuthi konke lokhu ukwenze yize kungekho cala abekwe lona noma alihamba enkantolo.
Icala alifakele uphiko iSIU lusaqhubeka eNkantolo eNkulu yasePitoli kanti ikomidi elibhekelele ukuziphatha kwamalungu ePhalamende, ngo-Ephreli 22 limemezele ukuthi lona limthole emsulwa kulezi zinsolo.
Ukwenza kukaMkhize kukhombisa unembeza nokuzithoba okungavamile kosopolitiki abaningi.
Abaholi abaningi bayaqhubeka nemisebenzi yabo yize kunezinsolo zenkohlakalo ezibathintayo, kube sengathi akwenzekanga lutho, bangayigqizi qakala ngisho nemibiko yabezindaba.
Abantu baseNingizimu Afrika badinga amadoda nabesifazane abathembekile futhi abenza izinto ngendlela ekhombisa ukuwuhlonipha nokuwethemba umthetho wezwe.
Abantu abahlonipha uMthethosiseko njengoMkhize ngezenzo zakhe bayakhombisa ukuthi bayasihlonipha isifungo abasithatha ePhalamende.
Kuyacaca ukuthi uMkhize uyawuqonda futhi uyawuhlonipha umthetho wezwe nabantu balo njengoba elandele yonke imigudu efanele ukuze ageze igama lakhe.
Njengoba uKhongolose uya engqungqutheleni kazwelonke yokukhetha ubuholi ezoba ngoDisemba, uyabadinga abaholi abafana noMkhize abakwaziyo ukubeka umbutho nezwe eqhulwini, hhayi izisu zabo.
* URebone Tau ungumhlaziyi wezepolitiki nombhali wencwadi, iThe Rise and Fall of the ANCYL. Ungumcwaningi kwi-Institute for Pan-African Thought Conversation (IPATC)