USolwazi Bonke Dumisa uthi akayiboni ivuka ngemuva kokhuvethe inkampani yezindiza iSAA. Lesi sithombe sathathwa kwikhawunta yakwaSAA esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International USolwazi Bonke Dumisa uthi akayiboni ivuka ngemuva kokhuvethe inkampani yezindiza iSAA. Lesi sithombe sathathwa kwikhawunta yakwaSAA esikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International
ABANTU basemalokishini bajwayele ukuthi “uzoyikhomba” uma bethi uzokhala emva kwendaba, uma ungasheshi wenze izinto ezibalulekile empilweni yakho.
Uma bethi “uzoyikhomba”, basuke bekususela entweni ebijwayele ukwenzeka uma umuntu efika esitobhini sebhasi, athole ukuthi selimshiyile ibhasi ngoba efike sesidlulile isikhathi sokuhamba kwayo.
Lokho bekwenzeka noma futhi uma umuntu efika esiteshini sesitimela, athole sesihambile ngoba sesidlulile isikhathi sokuhamba kwaso.
Ngicabanga ukuthi abasebenzi bakwaSouth African Airways (SAA) kumele babhekane ngqo neqiniso ukuthi le nkampani ngeke isavikeleka ekutheni ivalwe, kungakho uhulumeni esevele wazihlangula wageza izandla, kuhle kukaPilatu waseBhayibheleni, ngenkathi enqaba ukunika iSAA uR10 billion abebewucela ukuthi bazame ukucacamezela ngawo.
Uhulumeni ubethi kade efaka imali eyizigidi zezigidi emgodini ongenamkhawulo, sesifikile isikhathi sokunqamula lo mbele.
Yini eyonakele kwiSAA? Kudala kunokungaphathi ngendlela efanelekile kule nkampani.
Bekungekho ukuqinisekisa ukuthi basebenza ngendlela eyenza ukuthi bakwazi ukuzondla bona, ngoba bazi ukuthi uhulumeni uzohlala ebatakula noma yinini.
Kuthiwa kwafika umqondisi othizeni, wohlanga oluthile, ephuma e-United States of America, wathatha izindiza zeSAA wazidayisa ngoba ethi kungcono ukuqasha izindiza kunokuba ngumnikazi wazo.
Le nkampani yenza lobo buwula yadayisa izindiza zayo, uma iqeda lokho yagixabeza lo mqondisi ngezigidigidi njengebhonasi.
Uma iqeda lapho yathola ukuthi izindleko zokuqasha izindiza zingaphezulu kakhulu kunosebenzisa izindiza okungezayo.
Kunobufakazi bokuthi kube nokudayiswa kwemizila yeSAA ngabanye abasemagunyeni.
Kunezinye izinsolo eziningi ngendlela obekuxhashazwa ngayo imali kule nkampani yakwaSAA. Bekuyinto ejwayelekile ukuthi nihambe ngebhanoyi lakhona nibe nimbalwa nje, okuyinto eyandisa izindleko ngokungenasidingo.
Okubuhlungu ngazo zonke lezi zinto ezimbi esengizibalulile ngeSAA, wukuthi igqiba okuningi okuhle ngayo. Sengike ngandiza ngeSAA ukuya emazweni amaningi aphesheya. Bengiye ngithole ukuthi abasebenzi bakwaSAA baqeqeshwe kakhulu ukuthi aphathwa kanjani amakhasimende. Futhi siyayibonga iSAA ngokuba yibo abangcono kunalabo abancintisana nabo ekuqasheni abamnyama ukuba ngabashayeli bezindiza, noma-ke nabo beqashe ingcosana ongayibala ngeminwe yakho kusale neminye usuqedile.
Inkinga enkulu ngeSAA wukuthi bebengakwazi ukuqaphela izindleko zabo, kungakho ubuthola ukuthi ngezikhathi eziningi yibona abatholakala bemba eqolo kakhulu ngamanani okugibela ezindizeni zabo.
Kungakho kwatholakala abantu abaningi sebeshintshela kwezinye izindiza ezitholakala zibiza kangcono kakhulu.
Kanti kwaphinda kwatholakala ukuthi abasebenzi bakhona yibona ababonakala sengathi bayikha ngamafosholo imali kumaholo abo uma beqhathaniswa nezinye izinkampani abancintisana nazo.
Kodwa njalo uma sekumele balungise izinto bebemane baye kuhulumeni bayokhangeza becela imali yokutakulwa.
Ngonyaka odlule * -2019 uhulumeni wafika lapho ethi sekwanele, wafaka iSAA ngaphantsi kohlelo lokutakulwa kwezinkampani ezisobishini, ngokungena ntshi ezikweletini.
Kuthe le nkampani isobishini kanjalo, kwaqhamuka izinyunyana ezimbili, zazensa 'ongqeksta' zifuna ngodli ukwenyuswa kwamaholo ngezinga eliphezulu kakhulu kunezinga lokwehla kwamandla emali; befuna iSAA iqashe ngodli labo abasebenzela ezinye izinkampani ezisebenzisana neSAA; befuna neminye imihlomulo enhlobonhlobo.
Iningi lalabo abazaziyo ezomnotho, lakhuza umhlola lathi lezi zinyunyana zidlala ngomlilo.
Ngebhadi elikhulu iningi labasebenzi beSAA lahuheka yilezi zinyunyana ezazikhuluma ulimi lokuthi ziyizidlamlilo. Bangena esitelekeni.
Imiphumela yajabhisa kakhulu ngoba abasebenzi abazitholanga izimfuno zabo, esikhundleni salokho isitelekela senza izinto zaba zimbi ngokwedlulele kwaSAA.
Okubuhlungu-ke manje wukuthi lezi zinyunyana ezafaka abasebenzi ehlathini ekupheleni konyaka odlule, yizo futhi esezingongqa phambili zithi abasebenzi bangazamukeli izincomo zabatakuli zokuthi abasebenzi bemukele isinxephezelo esithi umsebenzi uzothola imali elingana nesonto elilodwa kulowo nalowo nyaka awusebenza eSAA.
Lezi zincomo zincikiswe ekutheni iSAA ingakwazi yini ukuthola imali engasetshenziselwa lokhu. Kodwa-ke lezi zinyunyana zithi abasebenzi abangazamukeli lezi zincomo.
Lezi zinyunyana zithi zinamasu angasetshenziswa ukubuyisela iSAA ekubeni yinkampani eyenza inzuzo.
Mina ngithi abasebenzi mabagobe uphondo bathathe lokho okutholakalayo ngokushesha, bathi “sengikhala ngiyabaleka” njengoba kwakucula uMahlathini naMahotella Queens. Uma bengakwenzi lokho bazozithola beyikhomba indiza yeSAA bethi “yayilapha”.
Sengizwela abasebenzi abamnyama bakhona eSAA, ngibala nabashayela izindiza. Sibafisele ikusasa eliqhakazile kuphi nakuphi lapho bezodlulela khona emva kokuhamba kwaSAA.
*USolwazi Bonke Dumisa umhlaziyi wezomnotho ozimele