TEAM TALK Kokunye izimpahla zokukhangisa kungaba amakepisi, izikibha, izikhwama nama tracksuits kuyangokuthi lowo mxhaso ungakanani. Lokho kuyayisiza inkampani ukuthi ikhangise mahhala, ekubeni emisakazweni,kumathelevishini nakumaphephandaba kukhokhwa imali eshisiwe.
Image: SIGCINIWE
ISIPILIYONI asithengwa kodwa siyazuzwa. Kubakuhle ke kunoma yini oyenzayo ekuphileni ubheke noma ulalele asebeke bayihamba leyo ndlela. Udokotela ufunda aqede,kodwa uyaphoqeleka ukuthi aye esibhedlela ayoqedela ukuthwasa kwakhe ngaphansi kweso elibukhali laloyo osemnkantshubomvu.
Kanjalo ke nakunobhutshuzwayo ngeke wazi konke, kuba nohlangothi ongazange ungene kulona. Abaxhasi ababona obab'uKhisimusi uma befaka imali kukhona abasuke bekubhekile. Izikole njengamanje sezinabaxhasi,into eyayingekho sikhula.
Kwakudlalelwa inkomishi noma ihawu, imali yayingekho,ngisho ukuya emidlalweni isikole sasizibonela. Ngikhuluma ngento engiyaziyo. Amakomiti aphethe ibhola lezikole kumele aqikelele ukuthi abaxhasi bayakhangiswa.Kungaba ukuthi izikole zifake amabhodi ezikoleni akhangisa igama labaxhasi.
Kokunye izimpahla zokukhangisa kungaba amakepisi, izikibha, izikhwama nama tracksuits kuyangokuthi lowo mxhaso ungakanani. Lokho kuyayisiza inkampani ukuthi ikhangise mahhala, ekubeni emisakazweni,kumathelevishini nakumaphephandaba kukhokhwa imali eshisiwe.
Abahleli bangaphisana ngalezi zinto kubadlali abaduma ebholeni elikhokhelwayo,kokunye kunganikwa ngisho abadlali abadume kweminye imidlalo njengokugijima,ukubhukuda,ibhola lombhoxo neminye.Izikhulu zoMnyango wezeMfundo nowezeMidlalo ngisho ongqongqoshe imbala.
Siye sicele amaphoyisa ukuzobheka ukuthi kusahamba kahle yini ezinkundleni. Kwalani ukunikela ngezikibha, amakepisi, tracksuit nezikhwama kumphathisiteshi kuleyo ndawo okudlalwa kuyona.
Uyabona ukuthi inkampani isithola isikhangiso samahhala ebesizoyikhokhisa izinkulungwane.Izikole eziningi ezidlala ibhola ziyantula manje iyonandlela yokubabamba abaxhasi, nanokuthi iyona ndlela yokukhombisa ukubonga. Nomkhiqizo walowo mxhasi kumele kubonakale ukuthi uyahamba.
Ngikhuluma ngento engiyaziyo ngadlalisa i-ABI Phoenix Coca-Cola iminyaka engu 19,ngathembisa abaxhasi ukuthi abalethe umkhiqizo wabo ezikoleni uzodayisa ubuthaphuthaphu, zahlabana izikole ngoba zathola ama-fridge amakhulu asezitolo. Esontweni eledlule iSafa EThekwini inikezele ngeStandard Bank u/19 ezikoleni zaseThekwini.
Umbuzo uthi izozuzani iStandard Bank ezinganeni zesikole. Isipiliyoni siqhamuka lapho ngoba leli bhange lizokwazi ukuvakashela izikole lichushise abafundi ngokuthi imali igcinwa kanjani.Lokhu kuzosiza nalabo abazogcina bedlala kwiPSL babe nolwazi lokuthi imali ayisaphazwa.
Nezingane lezi ezisala namafa sekushone abazali, lezi zingane zivele zizibhubhudle izigidi ngezinto zenjabulo nokuba onontandakubukwa. Ngisho nothisha nabazali imbala bazosizakala. Ibhola lizosizakala ngokuthi kube noqeqesho lonompempe abasafunda.Izikole azinamali kweminye imidlalo engaxhasiwe lokhu kungasiza uma sekukhona onompempe abasafunda.
Nayo iSafa EThekwini iyohlomula ngoba labo nompempe ngezimpelasonto bazodlalisa kososesheni. Yini ke engabalekisa leli bhange emidlalweni yebhola. Kuyokhumbuleka ukuthi leli bhange belixhase le midlalo yabebala njenge-cricket. Lokhu kuzolakhela ugazi ukuthi alifikile ebholeni kodwa ligalelekile.Uma ubhekisisa kahle lokhu kungaphezulu komdlalo kanobhutshuzwayo.
Asingayintshontshi imali yezinkampani,asibuyisele okuthile, izikole mazingabi okhamisangithele.Okumnandi wukuthi iminyango, owezeMfundo noweZemidlalo lapha kwelikaMthaniya ziyaweseka lo mqhudelwano. Izingane ikakhulukazi ezimnyama azinawo ama akhawunti asemabhange, kodwa ngosizo lwalo mqhudelwano webhola,kuzobanjalo.
Lokhu kuyisifundo sokuthi uma kukhona abanye abaxhasi noma ngabe bancane kanjani,uma ubaphathe kahle, abanye bayozizela,bebona uzinzo. Ngicabanga ukuthi akekho ongazi ukuthi iSafa eThekwini inabaxhasi abaningana,futhi siyabakhangisa. Iyiphi ke inkampani engeke ithande ukukhangiswa ngaphandle kokukhokha izigidi.
Kumqoka ke ukuthi izikole ziziphathe kahle ungabibikho lo mkhuba wokupheka iminyaka ngoba lokho kuyodicilela pjansi igama lebhange. Asikho ke isakhiwo esithanda ukuzihlanganisa nenkohlakalo. Kuyoba kubi sesibona umuntu odlala ku-over 35 ngoba nakhu ezacile futhi engutondo.
Kufanele uMnyango wezeMfundo uqinisekise ukuthi izimiso nezimvume zokuyodlala zigunyazwe wumnyango. Asikho isikole esiyodlala singalandelile imithetho yomnyango. OkweSafa kulula ngoba ihambisana noMasipala weTheku ekuletheni onompempe nezinkundla nokunye oku- technical ngolimi lwasebholeni. Uma izikole zaseThekwini ziziphathe kahle nezinye izifunda ziyoba sethubeni lokuthi le midlalo inabele kuzona.
Asingayintshontshi le mali yabaxhasi ngokwenza okuphambene nomthetho. Lo mqondo wokufuna ukuwina kumnyama kubomvu,yiwona lona oholela enkohlakalweni.Othisha kumele bakwazi ukuhlukanisa phakathi kokuthuthukisa (development) nokuncintisana (competition).Uyobezwa sebesho bethi noma singadlala kabi kanjani uma siwinile nje kuyobe kuphelile,yibo kanye labo abankonkothela iminyaka ngoba kufanele bawine noma kanjani.
Yibo ke laba abantshontsha imali yabaxhasi. Bese kuba yilezi ezikhulisa abadlali zilinisele ithalente, bafaka abadlali beminyaka efanele, bakhuthaza abadlali ukuthi mabadlale ngenkululeko, ababashintshi indlela ebavumelayo. Okumqoka ukujabulela abakwenzayo bese imiphumela iziqhamukela yona. Ibhola liyadlalwa alihujwa, alidlalwa emoyeni ngoba abukho utshani phezulu.
Asingalokhu sibalisa ngokuthi ibhola alixhasiwe njenge-cricket ne-rugby. Kuyothi mhla ziyodlala igalofu lezikhulu bese zixoxa ngebhola, nalabo abangalinakile bayoba nomdlandla bese besondela, ibhola lingabukwa njengento yabantu abamnyama engahlelekile emazingeni aphansi. Hhiya,sesiyokwakha umkhanya.