KUHLELWE indumezulu yomcimbi okulindeleke ukuba uhehe izinkumbi zabantu eWild Coast Sun ngoMgqibelo.
Le ndawo ithandwa yizivakashi eziqhakuka ezindaweni nasezifundazweni ezahlukene kuleli ngenxa yobumnandi obufanele imindeni, abangani, izithandani nabantu abasebenza ndawonye uma befuna iholidi elikhuthazayo.
Ngale kokuba yihhotela elinazo zonke izinto ongazicabanga ezingajabulisa abantu abadala nabancane njengezindawo zokubhukuda, i-waterpark nebhishi. Kukhona ne-casino ezothokozelwa kakhulu yilabo abazama inhlanhla yemali esheshayo.
Leli hhotela limema abathandi bobumnandi ukuba bazozijabulisa ngomculo omnandi noDJ abahamba phambili KwaZulu-Natal.
Lesi isiqephu sokuqala se-All White Party esizobanjelwa eMaltos nokuyikilabhu engaphakathi ehhotela. Lo mcimbi uzothatha izinsuku ezimbili ngoMgqibelo nangeSonto.
Kuzobe kunandisa uDJ Sox, abethuli bezinhlelo zeGagasi FM uDJ Sonic noCollen Zondo noYommy Sax oyiSaxophonist.
Amathikithi okungena abiza R120 eQuicket.