Ezokuvakasha Phola EKZN

IZimbali ibheke u-R478 billion ngohlelo lokuyithuthukisa

Simangaliso Ntshangase|Published

SEKUSEMOME ngohlelo lokuthuthukisa iZimbali Lodge, eseBallito, enyakatho yeTheku

Image: SIMANGALISO NTSHANGASE

UBUHOLI belinye lamahhotela ahlonishwayo nasezakhele udumo nogazi ebantwini ngenxa yezinga lalo, iZimbali Lodge, sebumemezele ukuthi bubheke ukwenza inzuzo elinganiselwa ku-R478 billion ngaphambi kokuphela kuka-2032.

Lokho kungenxa yohlelo lwezinguquko nolokuthuthukisa leli hhotela eliseBallito, enyakatho yeTheku, oluqhubekayo kumanje nonhloso yalo wukusiza ukuthi libukeke kangcono kakhulu kunobukhazikhazi elivele liyibona kumanje.

Lolu hlelo luzokapakela kuwona wonke amagumbi ehhotela, azolungiswa ngaphandle nangaphakathi, bese kwenyusa nezinga lobukhazikhazi, ubuhle balo nokunye okuhambisana nalokho - okuzosiza nangokuthi ligqame endaweni elakhiwe kuyona.

SEKUSEMOME ngohlelo lokuthuthukisa iZimbali Lodge, eseBallito, enyakatho yeTheku

Image: SITHUNYELWE

Leli hhotela eligabe nangezindawo ezintathu zokusingatha imicimbi okuyi-Signature Suite Boardroom, Canopy Conference Room neHibiscus Room - kuzobe sekuqediwe ngazo zonke izinguquko ezenziwa kulona ngoJanuwari ngonyaka ozayo.

Imenenja yenkampani ephethe ihhotela iDream Hotels & Resorts, uMnuz Bailey Bhima, ithe inhloso yabo enkulu ngalezi zinguquko wukwenza iZimbali Lodge ibe sezingeni elizohambisana nezidingo zamakhasimende abo, nangaphezu kwakulindele nakujwayele.

"Lolu hlelo esilwenzayo nesiqhubeka nalo kumanje luzoqinsekisa ukuthi zonke izivakashi ezifika ukuzokwenza imicimbi endaweni yethu zikwenza ngempumelelo lokho nangezinga eliphezulu, bese futhi siqhubeka lapho sigcine khona ngobuntofontofo nobunyoninco esiqikelela ukukunika lelo nalelo khasimende elisuke lizongcebeleka endaweni yethu," usho kanje.