Ezokuvakasha

Kuzohlonyiswa intsha yaseThekwini ngombuthano wokuhwebelana

Simangaliso Ntshangase|Published

UKUHLANGANISA abantu abasha ukubacobelela ngolwazi lokuchuma emikhakheni ehlukene ekuyona, nokuthi ingawasebenzisa kanjani amakhono abo ukuzithuthukisa, yizona zinto ezibekwe eqhulwini embuthanweni wezinsuku ezine wokucobelelana ngamasu okuthuthuka empilweni, i-Africa and The Middle East Confence, ohlelwa yiJCI South Africa.

Lo mcimbi, ohlelwa yile nhlangano esineminyaka engaphezu kuka-100 yasungulwa, futhi esinamalungu angaphezu kuka-2 000 ezweni lonke, uqale ngoLwesithathu kanti uzoze uphethwe ngoMgqibelo. Izinhlelo zawo ezahlukene zenzelwa e-ICC, eSouthern Sun Elangeni Hotel, Southern Sun Maharani Hotel nase-Ushaka Marine, eThekwini ngokwehlukana kwazo.

Usihlalo wekomiti elihlela lo mcimbi, okungokokuqala uza eThekwini, uNksz Zandile Makhoba, uthe inhloso yabo wukuthuthukisa abantu abasha abakhele iTheku namaphethelo ngokubahlanganisa nontanga yabo basemazweni angaphezu kuka-80 abazoba khona kulo mbuthano, kubhungwe ngezinhlelo ezahlukene zokuthi bangathuthuka kanjani empilweni.

UNKSZ Zandile Makhoba, umqondisi wekomiti elihlela i-Africa and The Middle East Conference, ezosongwa ngoMgqibelo eThekwini

Image: DOCTOR NGCOBO/INDEPENDENT NEWSPAPERS

“Sithemba ukuthi izinhlelo esizozenza kusukela manje, ezizoqhubeka kuze kusongwe umcimbi ngoMgqibelo zizobanothisa ngolwazi namacebo ahlukene okuthuthuka emabhizinisini abo, nokuthi bangawasebenzisa kanjani amakhono ukuziphilisa. Kuhle ukuthi bancele kwabanye ozakwabo bakwamanye amazwe asephambili kunathi ngezinga nangezomnotho,” kusho uNksz Makhoba. 

Uthe okunye okuhle nababheke ukukufeza ngalo mcimbi wukuthi uma ususongiwe, ungenise izigidi zamarandi emnothwnei wedolobha iTheku, futhi bajabule ngokuthi njengoba uqhubeka uvele uwusizo kubantu abasha abangaphezu kuka-100, abaqashwe ukwenza imisebenzi ehlukene kuwona ukuze ube yimpumelelo ngale ndlela abafisa ngayo.

Esinye sezikhulu eziphezulu ze-JCI, uMnuz Saidou Saneu, sigcizele ukuthi uma abantu abasha bezibophezele ukuphuma ngobuningi babo ukuza ezinhlelweni zalo mcimbi, okuzobe kungenwa mahhala kuwona, bazohamba bevuleke amehlo ngamathuba ahlukene okusebenzisana nawokuhlomisana ngamakhono namabhizinisi abawenzayo.