UNGQONGQOSHE wezokuVakasha, uNkk Patricia de Lille, useveze ukukhathazeka ngokuthi ezokuvakasha zaseNingizimu Afrika azikafiki ezingeni elifanele.
Uthe lokhu kuhlale kubenza bafune ukwenza okukhulu kunabakwenzayo manje ukuze bahlonishwe ngamazwe omhlaba.
“Siyazi futhi siyabona ukuthi asikho isikhathi sokuphumula ngakho kumele sihlale siphusha kakhudlwana kunalokhu esesikwenzile, kanti lokho kudingeka ukuthi sikwenze ngokushesha. Yingakho kumanje sesivele sisebenza ekutheni siphothule uhlelo esilubiza nge-Tourism Growth Partnership Plan oluzoba yiminyaka emihlanu. Inhloso yalo wukusebenzisana nezinhlaka ezahlukene emhlabeni ukuchumisa imboni yezokuvakasha,” kusho uNkk De Lille.
Usho lokhu izolo, ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni umcimbi wokucobelana ngezamabhizinisi nokuhwebelana waminyaka yonke, i-Africa’s Travel Indaba, ezosongwa kusasa e-Inkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), eThekwini. Isiqubulo salo nyaka sithi Unlimited Afrika.
Uthe kulolu hlelo bahlose ukuthi bakhulise amathuba emisebenzi embonini asuke ku-1 840 000 wanyakenye, aze afinyelele okungenani ku-2 500 000, bese kukhuliswa ngo-2% indlela abantu abasebenzisa imali yabo ngayo embonini yezokuvakasha ezweni.
Bahlose nokuthi bakhulise kusuka ku-8.8% wanyakenye kuya ku-10% wendlela imikhiqizo yakuleli esiza ngayo ukufukula umnotho.
“Konke lokhu kuqala ngokuthi sisebenzise Indaba ukuqala uhambo olusha lokuthatha izwekazi i-Afrika silibeke ezingeni lokuhlonishwa emhlabeni wonke kwezokuvakasha,” usho kanje.
Likhuluma kuwo lo mcimbi wokuvula ngokusemthethweni Indaba, iPhini likaMengameli wezwe uMnuz Paul Mashatile, likhuthaze ukubumbana nokusebenzisana kuma-Afrika, lacebisa izihambeli ukusebenzisa lo mhlangano, ukwakhela kuleso sisekelo.
“Akumele sithule sisonge izandla sibe sibona izinto zonakala kangaka emazweni ehlukene ase-Afrika ngakho leli yithuba elihle lokuthi sizobhunga ngakho konke okusihluphayo, bese siqhamuka nezisombululo ezizosisiza ukuya phambili. Konke lokhu ukuze kwenzeke kuzodinga ukuthi sisebenze ngokubambisana kusukela manje,” kukhuthaza uMashatile.
Emcimbini wanonyaka kuhlangene u-75% wezivakashi zamazwe awu-27 ase-Afrika, okukhona kuwona nezivakashi zasemazweni eziqalayo ukuba khona nonyaka zakoChad, eSt Helena nezaseBurkina Faso.
Kuhlangene osomabhizinisi abangaphezu kwa-1 300 ukuzokhangisa ngamabhizinisi abo bakula mazwe, bese kuba yizivakashi ezingaphezu kwa-1 200 zasemazweni ehlukene omhlaba okubhekwe ukuthi zitshale imali emikhiqizweni eyahlukene.